IZIBEKE engcupheni yokuhluleka ukungena esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba iQatar, engosokhaya, ngesikhathi iguqiswa yi-Ecuador ngo 2-0 emdlalweni wokuvula kuGroup A.
Bese kuphele iminyaka inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, igxekwa ngesinqumo sokuyisa lo mqhudelwano kuleli lizwe ngenxa yesimo sezulu kanye nokusolwa kwabaholi ngokungawakhathaleli amalungelo abantu, ikakhulukazi abaphuma ngaphandle.
Ekugcineni ugcine uqalile lo mqhudelwano ngeSonto ebusuku ngesikhathi iQatar ibhekana ne-Ecuador e-Al Bayt Stadium.
Bekulindeleke ukuthi iMaroons idlale kangcono ngenxa yokuthi ibibambe inqwaba yamakhempu ilungiselela imidlalo, kwazise bonke abadlali bayo bazinze eQatar.
Nokho kusheshe kwacaca ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele iwenze njengoba ihlulekile ukuqhamuka nezimpendulo ngemuva kokuthi u-Enner Valencia eshayele i-Ecuador amagoli amabili ngesiwombe sokuqala.
Umqeqeshi weQatar uFelix Sanchez uvumile ukuthi badinga ukuthuthuka kakhulu ngaphambi kokudlala imidlalo yabo emibili esele yamaqoqo.
"Lo mdlalo siwudlale ngendlela ethile kodwa izitha zethu bezinezinhlelo zazo. Akukhona ukuthi besingafuni ukuhlasela kodwa izitha zethu bezingasivumeli futhi zinezikhali ezingcono zokuhlasela," kusho uSanchez etshela iFifa Media.
"Uma sifuna ukuzinika ithuba lokunqoba kuzomele simake ngendlela efanele futhi sihleleke kahle. Uma siphethe ibhola kumele silisebenzise kahle.
"Sizozama ukusiza abadlali bethu futhi sibone ukuthi singathuthuka yini kuzo zonke lezi zinto engizibalile."
INetherlands nayo iqoqe amaphuzu amathathu emdlalweni wokuqala kuGroup A ngokuthela phansi iSenegal ngo 2-0 e-Al Thumama Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
Bekubukeka sengathi umdlalo uzophela zibambene kodwa iNetherlands yashaya amagoli amabili usuyophela avalelwe nguCody Gakpo noDavy Klaasen.
AmaDutch ne-Ecuador baqhwakele ngamaphuzu amathathu iqembu ngalinye, kanti iSenegal neQatar basemsileni njengoba besagingqa amaqanda.
ILions of Teranga neQatar bazobhekana ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama lapho bezobe bebheke ukuvusa amathemba okudlulela esigabeni esilandelayo, kuthi iNetherlands ne-Ecuador bahlangane ngo-6 ntambama ngosuku olufanayo.
KuGroup B, i-England iqale umqhudelwano ngendlela encomekayo ibhudluza i-Iran ngo 6-2 eKhalifa International Stadium ngoMsombuluko ntambama.
UBukayo Saka ushaye amagoli amabili, uJude Bellingham, Raheem Sterling, Marcus Rashford noJack Grealish bashaya igoli elilodwa ngamunye. UMehdi Taremi ushayele i-Iran amagoli amabili okuthoba izinhliziyo.
Komunye umdlalo kuGroup B, i-United States neWales bathole iphuzu ngamunye bebambana ngo 1-1 e-Al Rayyan Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
UTimothy Weah, indodana yenkakha yaseLiberia esingumengameli waleli zwe, uGeorge Weah, ushayele i-USA, izwe azalelwa kulo, igoli esiwombeni sokuqala.
Nokho kuthe umdlalo usuyophela iWales yathola iphenathi evalelwe phakathi nguGareth Bale.
Lokhu kusho ukuthi i-England isesicongweni ngamaphuzu amathathu, ilandelwa yi-United States neWales ngephuzu iqembu ngalinye, kanti i-Iran ibambe ibhuleki ngeqanda.
IWales ne-Iran bazodudulana ngoLwesihlanu ngo-12 emini, kanti i-England ne-United States bazotholana phezulu ngo-9 ebusuku ngosuku olufanayo.