I-ORLANDO Pirates izobe ibheke ukuqhubeka nerekhodi layo elihle lasekhaya emdlalweni weBetway Premiership neCape Town City ozoba se-Orlando Stadium namuhla ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama.
Ngaphandle kokuthi eZimnyama ziwadinga ephelele amaphuzu ukuze zingasali kakhulu kwiMamelodi Sundowns, esithanda ukuqaqa kulo mbango wesicoco seligi, leli qembu lase-Orlando lizobe lihlose nokubuyisa izinduku kwiCitizens.
Iqembu likaJose Riveiro lahamba inqina kaMabuyaze ngesikhathi livakashele eKapa ngoJanuwari, linqotshwa yiCity ngo 1-0 koweligi nokwenza lo mdlalo ube yithuba elihle lokuziphindiselela.
Awamaningi amaqembu ajwayele ukuphuma e-Orlando Stadium engahuzukile kwazise ezikaMagebhula zijwayele ukuwathela induku amaqembu avakashela le nkundla.
Kule sizini amaBhakabhaka asedlale imidlalo yeBetway eyisithupha kule nkundla, anqoba emihlanu, ahlulwa kanye. IStellenbosch FC iyona kuphela esathathe amaphuzu e-Orlando kule sizini idlula ngo 1-0 ngoDisemba nyakenye.
Omunye umdlalo wawo wasekhaya yawudlalela eFNB Stadium lapho yaguqisa khona iKaizer Chiefs ngo 1-0 ekuqaleni kwale nyanga.
Nasemidlalweni yomkhumulajezi kusenzima ukuthi amaqembu acanase e-Orlando. IMagesi FC iyona kuphela ekwazile ukukwenza lokho ngesikhathi ikhipha amaBhakabhaka ngo 3-2 koweCarling Knockout ngo-Okthoba nyakenye.
Kwi-MTN 8 iqembu likaRiveiro layinqoba yomibili imidlalo yalo e-Orlando ngaphambi kokuthi liyophakamisa le ndebe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lisadlale umdlalo owodwa ekhaya kwiNedbank Cup, lapho liqumbe phansi khona iBaroka FC ngo 3-1 ngempelasonto edlule.
Namaqembu angaphandle aseke avakashela kule nkundla ephinde yaziwe njengeSigodi sikaMaminzela kule sizini aphume engayithandi indaba.
Kweyokuhlungela iCaf Champions League iPirates ixebule iDisciples FC yaseMadagascar e-Orlando yaphinde yaguqisa iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 1-0.
Kweyamaqoqo kuwona lo mqhudelwano i-Al Ahly kuphela ephume nephuzu e-Orlando ngenxa yokuthi umdlalo waphela zibambene ngo 0-0.
IStade d’ Abidjan yase-Ivory Coast yaphuma nemivimbo ka 3-0, kwathi iCR Belouizdad yase-Algeria yakhala ngaphansi ngo 2-1.
Ngesizini edlule iPirates yadlula ngo 2-0 kwiCitizens ngesikhathi bebhekene koweligi e-Orlando. Iyinqobe ngendlela efanayo ngesikhathi behlangana kowandulela owamanqamu kwiMTN 8 ngasekuqaleni kwale sizini.
Leli qembu laseKapa lizongena kulo mdlalo libheke ukuvuka njengoba lithelwe phansi yiMagesi FC ngo 2-0, laphinde lashaywa yiChippa United ngo 2-0 kweyakamuva yeligi.
EzikaMagebhula nazo zagcina zixetshulwe yiMamelodi Sundowns ngo 4-1 kowakamuva weligi owawungoFebhuwari 8. Umdlalo obekufanele ziwudlale neLamontville Golden Arrows maphakathi nesonto awuqhubekanga ngenxa yamanzi abegcwele enkundleni kulandela izimvula ezinamandla eThekwini.
IPirates inamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-14. Isele ngamaphuzu angu-12 kwiSundowns esidlale imidlalo engu-17. ICitizens isendaweni ka-10 ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-18