I-ORLANDO Pirates iveze ukuthi isiqale uphenyo lwangaphakathi ukuqinisekisa ukuthi akukho noyedwa umdlali wayo ozibandakanya nokubhejela imidlalo kulandela ukusabalala kwe-video eveza abanye abadlali baleli qembu bekhuluma ngokubhejela umdlalo we-English Premier League (EPL).
NgoLwesithathu ekuseni, iPirates ikhiphe isitatimende kwi-website yeqembu iveza ukuthi iyibonile i-video okuzwakala abadlali bayo, ovelayo unozinti uSipho Chaine, bebhunga ngendlela okufanele babhejele ngayo umphumela womdlalo we-EPL obuphakathi kweManchester United ne-Arsenal ngeSonto.
UChaine ubonakala aphinde azwakale eveza ukuthi uzowubhejela kanjani oweMan U ne-Arsenal.
Okususa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi okubonakala kule video akuvumelekile kwazise iFifa iyabanqabela abadlali, abaqeqeshi nabo bonke abathinteka emaqenjini ezemidlalo ekhokhelayo ukuba bagembule noma ngabe ingayipthi indlela.
U-Article 26 weFifa Code of Ethics uthi otholwa enecala lokugembula angahlawuliswa imali, noma amiswe ekuzihlanganiseni nebhola okungaze kufinyelele eminyakeni emithathu.
“NgoMeyi 12 ngo-5.30 ntambama, e-Old Trafford, ngizofaka u-R600 ngithi kuzowina iMan United,” kumemeza uChaine kule video.
“Sipho, ngifuna ukubheje manje lokhu okushoyo,” kusho omunye ngaphambi kokuthi omunye ongabonakali ananele ngokuthi akufakwe imali kwiMan United kodwa kwengezwe ngokuthi kuzongena amagoli angaphezulu kwamabili.
Imvunge ngale video isiphoqe iPirates ukuba ikhiphe isitatimende lapho iveze ukuthi abadlali bakhuziwe ngalokhu futhi kuvelile ukuthi bebezintelela nje, hhayi ngoba lokhu bekwenze ngempela.
“IPirates ikuqaphelile ukuthi kune-video ezungeza enkundleni zokuxhumana ethinta abadlali ababili bethu bekhuluma ngokubheja. Sifisa ukukucacisa ukuthi abadlali abakuleyo video abazange bawufakele (bawubhejele). I-video ikhombisa umzuzu wokuzintelela kwabadlali benza sengathi bazobhejela umdlalo we-English Premiership,” ifundeka kanjena ingxenye yokuqala yesitatimende.
Iqembu ligcizelele ukuthi kukhulunyiswene nabadlali badonswa ngendlebe ngokuthi ngisho kuthiwa bayancokola akuvumelekile ukuthi bakhulume ngokubheja ngoba lokho kungaba nemiphumela engemihle.
“Iqembu likugcizelele ubumqoka bokulandela imigomo yokubheja ukugwema ukujeza okunzima ngokuzayo. Abadlali bayalibona iphutha labo futhi baxolisile. Kodwa ngenxa yobucayi balolu daba, iqembu seliqale uphenyo lwangaphakthi ukuqinisekisa ukuthi akukho namunye umdlali othinyeka ekubhejeleni noma yiluphi uhlobo lwezemidlalo njengoba lokho kungasho ukwephula umthetho mgomo bonke abadlali abawusayinile,” siphetha kanje lesi sitatimende.
Indlela amanye amaligi ayisukumela ngayo indaba yabadlali ababhejela imiphumela izokwenza abathandi bakanobhutshuzwayo bakuleli bayibhekisise indlela lolu daba oluzophathwa ngalo uma uphenyo lugcina ngokuphumelela.
E-England ukaputeni weBrentford FC u-Ivan Toney, uhlale izinyanga eziyisishiyagalombili engazihlanganisi nonobhutshuzwayo kulandela ukutholwa yi-English FA necala lokubhejela imiphumela.
USandro Tonali weNewcaste United emthenge ngezizumbulu kwiJuventus kanti unecala elimlandelayo lokubhejela, umiswe izinyanga ezimbili emasontweni amabili edlule. Kulindeleke ukuthi abuyele enkundleni ngo-Agasti.