Orlando Pirates (1) 2
Cape Town City (1) 1
I-ORLANDO Pirates icoshe amaphuzu amathathu ebiwadinga ngesikhathi inqoba iCape Town City ngo 2-1 emdlalweni Betway Premiership e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo bekungowamagqubu kwazise iCitizens yayiguqisa ngo 1-0 iPirates eKapa ngenyanga edlule.
Bekusemqoka futhi ukuthi Ezimnyama ziwathole ephelele amaphuzu njengoba zingene kulo mdlalo zisele ngamaphuzu angu-12 eqenjini eliqhwakele kwi-log, iMamelodi Sundowns.
ICity igadle kuqala ngegoli likaHaashim Domingo esiwombeni sesibili, kwathi amaBhakabhaka abuya ngamabili aqhamuke kuTshegofatso Mabasa noGoodman Mosele kwesesibili.
EzikaMagebhula zicindezele kuqala kulo mdlalo, kubhoke uRelebohile Mofokeng noPatrick Maswanganyi, kodwa izitobha zeCity bezikwazi ukumelana nabo uma sebengena ebhokisini.
ICitizens isheshe yaqaphela ukuthi uma ezikaJose Riveiro zihlasela bayakhuphuka nabadlali basemuva, ikakhulukazi ezinhlangothini, yaqala ukusebenzisa izikhala abazishiyayo.
Ithole igoli ngale ndlela ngomzuzu ka-22 ngebhola eliqhamuke ngakwesokunxele. UPrins Tjiueza ugijime nalo waligobela phakathi, uDomingo walibeka enethini ngonyawo.
UMaswanganyi uphume esethwelwe ngohlaka ngomzuzu ka-62, kubukeka sengathi udonseke umsipha osethangeni, indawo yakhe yathathwa nguMohau Nkota.
Lo mdlali uyena oze nomyakazo oholele ekutheni iPirates ithole lokulinganisa ngomzuzu ka-67. Udlubulundele nganwesokunxele waligobela uMabasa, olibeke phakathi ngobunyonico.
IPirates ingene ingenile emizuzwini yokugcina ifuna igoli ezonqoba ngalo, yagcina ilitholile ngomzuzu ka-87.
ICitizens ihlulekile ukukhipha ibhola ebeliqhamuke kwikhona, lawela kuGoodman Mosele. Ibhola lakhe lokuqala lishaye kwi-crossbar, kodwa wakwazi ukuliphinde alivalele enethini.
Lo mphumela ushiye leli qembu lase-Orlando endaweni yesibili ngamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-15, kanti iCity isasendaweni ka-10 ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-19.
Ezimnyama zizodlala olandelayo weligi neMarumo Gallants, eBloemfontein, ngoMgqibelo ozayo. ICity isizobhekana naMaZulu FC eThekwini ngeSonto, ngoMashi 2.