INETHEMBA lokuthi izolithola ithuba lokuqeqesha ezingeni eliphezulu, okubalwa khona neqembu lesizwe, inkakha yeBafana Bafana, uQuinton Fortune.
Esengumdlali wagijima eqenjini lesizwe kusukela ngo-1999 kuya ku-2006 ngesikhathi esadlalela iManchester United yase-England.
Ngemuva kokuwagaxa emgibeni ngo-2010 waqala izifundo zokuqeqsha, wanikwa izintambo eqenjini elincane leRed Devils ngo-2012.
Ngo-2014 uqokwe njengephini lomqeqeshi eqenjini lika-Under 21 leCardiff City, kwathi ngo-2019 waba yiphini lomqeqeshi eqenjini lika-Under 23 leManchester United.
Uthole ithuba lokuqala lokusebenza neqembu elikhulu ngesikhathi eqokwa njengomunye wabasizi bomqeqeshi weReading FC, iqembu eliyibambe esigabeni sesibili sebhola e-England, iChampionship.
Ngemuva kokushiya leli qembu ngoFebhuwari nonyaka uke wahlala isikhashana engasebenzi ngaphambi kokuqokwa njengomunye wabaqeqeshi beqembu lesizwe lase-England lika-Under 20 ngo-Agasti.
Lo msebenzi uwuthole ngaphansi kohlelo lwe-England Elite Coach Programme (EECP), eyasungulelwa ukunikeza abaqeqeshi abamnyama amathuba okwandisa ulwazi.
"Ngisenezifiso zokuqeqesha eqenjini elikhulu. Lo msebenzi unginikeza enye indlela yokucabanga nokubona indlela abaqeqeshi abasebenza ngayo nabadlali abancane," kusho uFortune ekhuluma neBBC Sport Africa.
“Ngizilungiselela isikhathi lapho kuzovela khona umsebenzi omkhulu. Akukhathalekile ukuthi yiqembu lase-England noma yiliphi elinye izwe emhlabeni.
"Okwamanje ngisasiza laba badlali abancane ukuthi bathuthuke futhi ngithola ulwazi oluthe xaxa njengomqeqeshi."
UFortune (45) udlale kwiNdebe yoMhlaba kabili, ngo-1998, nango-2002, waphinde wadlala emiqhudelwaneni emibili ye-Africa Cup of Nations, ngo-2000 nango-2002.
Uneziqu zokuqeqesha eziphakeme kakhulu e-Europe, i-Uefa Pro Licence, Uthe angalamukela ithuba lokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi beBafana Bafana esikhathini esizayo uma kuvela ithuba elifanele.
“Ngokwami uma livela ithuba lokusiza iqembu lesizwe ngingalithatha kodwa kufanele lifike ngendlela efanele,” usho kanje.
“Sinabadlali abanekhono eNingizimu Afrika abangakwazi ukuqhudelana ezingeni lomhlaba uma bethuthukiswa ngendlela efanele.
“Kuyajabulisa ukuthi sinabaqeqeshi abaningi baseNingizimu Afrika abasebenza phesheya kwezilwandle futhi sithemba ukuthi bazolithola ithuba lokusebenzisa asebekufundile ebholeni laseNingizimu Afrika.
"Ngiyethemba ukuthi bazolithola ithuba lokusebenza emazingeni ehlukene emaqenjini esizwe futhi nawo azohlomula ngesipiliyoni salaba badlali bakudala."
Omunye wayegijima kwiBafana, uSteven Pienaar, usanda kuthola isitifiketi se-Uefa Pro Licence. Kumanje uqeqesha elinye lamaqembu amancane e-Ajax yaseNetherlands, okuyiqembu adlala kulona isikhathi eside.
Abanye abaqeqeshi bakuleli abayibambe phesheya njengamanje uBenni McCarthy, okwiManchester United, uPitso Mosimane, ojoyine i-Al Ahli yaseSaudi Arabia, nomunye owayegijima kwiBafana, uBradley Carnell, ocija iSt Louis SC yase-United States of America.
Abanye abaqeqeshi bakuleli abayibambe ngaphandle uBenni McCarthy ongumqeqeshi wabagadli kwiManchester United kwi-English Premiership. UBradley Carnell upheka iSt Louis SC e-United States of America.