ZAKHELE XABA
SEKUNTWELA ezansi ngohambo lwaphesheya kwezilwandle lomdlali weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, oyoziqeqesha nezinkunzi zaseSpain.
UShabalala oyibamba enkabeni yenkundla, uyisethenjwa eqenjini leChiefs leDStv Diski Challenge. Ngempelasonto edlule ushaye amagoli amathathu ngesikhathi Amakhosi eguqiswa yiRoyal AM ngo 5-4 koweDiski Challenge, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele.
Ukuqubuka kweCovid-19 kuhlehlise uhambo lukaShabalala lokuyovakasha kwiBarcelona neReal Madrid eyodlala phambi kwabathungathi bekhono abavela emazweni ahlukene. Uthole leli thuba kulandela ukuqokwa njengomdlali ovelele, iCosafa Cup U/17 Player of The Tournament ka-2020.
Umqeqeshi weChiefs kwiDiski Challenge uthe sebelinde usuku ngohambo lukaShabalala lwaseSpain.
"Uhambo lwakhe lwamiswa yiCovid-19. Kodwa sebesibhalele bacela ukuthi agome. Usekwenzile lokho. Manje sekusele ukuthi basitshele ukuthi akeze nini.
“Leli yithuba elikhulu ngoba uzothola ithuba lokubonwa ngamaqembu ahlukene nokungenzeka nokuthi angabuyi ngenxa yekhono analo. Uma kwenzeka engaphumeleli, uzobuya ezokhuliswa kahle eNaturena ngoba ikhono lakhe eliyisimanga elingakaze libonwe eMzansi. Ukuqokwa kwakhe njengomdlali ophambili kwiCosafa kusho lukhulu futhi akwenzekanga ngephutha. Okuhle wukuthi udlalela iKaizer Chiefs okukhona kuyona ingcindezi. Lokho kuzomsiza ukuthi ayijwayele,"kusho uKhumalo.
UShabalala, onenkontileka yokudlala esikimini esikhulu kwiChiefs, useqenjini leDStv Compact Cup eliku-Inland 2 eliqanjwe ngokuthi yiWarriors elizoqeqeshwa nguDylan Kerr uma sekuqala lo mqhudelwano ngoJanuwari 22.
Nokho ngeSonto, uShabalala kufanele athwale Amakhosi uma esebhekene neMarumo Gallants koweDiski eFNB Stadium ngo-10 ekuseni.
"Ngike ngakuveza ukuthi kuwona wonke amaqembu athathe amaphuzu kithina nyakenye sishaya ngabadlali abaneminyaka engu-17, sebena-18 manje, siyawafuna. Sebekhulile. Senze amaphutha amaningi ngesonto eledlule kwazise abadlali bethu basemuva maphakathi badlale belimele. Kukhona nabanye abebekade bengekho. Kulo mdlalo bazobakhona. Ngeke sisaba nenkinga emuva. Sekufanele sigxile phambili ukuze siwine umdlalo,"kusho uKhumalo.