IKHOMBISE intshisekelo yokuxosha ikati eziko iBloemfontein Celtic ikhipha omacaphunakusale baseTshwane iSuperSport United, kwi-semifinal yeMTN8 ngokubashaya ngo 1-0 eDr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leCeltic, olungafihliwe usizi lwayo ngakwezemali, livalelwe nguVictor Letsoalo ngomzuzu ka-50.
ICeltic ingene kulo mdlalo isimo sithanda ukuyivuma emuva kokushaya igoli ekuhambeni ngeledlule bebambana ngo 1-1 e-Atteridgeville.
Babambana emdlalweni owedlule nje, yiyo iCeltic eboniswe kuqala inethi ngonyawo lukakaputeni wayo, uNdumiso Mabena, okhombisa ukuvunywa yiqembu kwazise sekunesikhathi edlala kahle kwelaseBloemfontein.
Elokulinganisa leSuperSport ngeledlule, livele noGhampani Lungu waseZambia.
YiSuperSport obekulindeleke ukuthi ilwele ukushesha ithole igoli emdlalweni wayizolo, nokuyinto ebonakele kuBradley Grobler ezama ukukhuthuza udonga lweCeltic kodwa ubenganikwe thuba uMzwanele Mahashe.
Ngumdlalo wamanqamu wesibili ilandelana lo iCeltic ezifaka kuwo ngemuva koweNedbank Cup lapho behlulwe khona yiMamelodi Sundowns. Ayizange ibohle kodwa iCeltic emuva kokuphoxwa yiSundowns. Empeleni ibuyise izinduku ikhipha iSundowns kwi-quarterfinal yeMTN8 njengoba isilandelisa ngomkhaya bayo iKa Bo Yellow.
Namuhla iCeltic izobe ibheke ngabomvu ukuthi ngubani odlulayo phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, abazotholana emlenzeni wesibili eFNB Stadium eSoweto ngo-3 ntambama.
IPirates isivele igamenxe ngomlenze owodwa kowamanqamu ngemuva kokuxebula iChiefs ngo 3-0 ngeledlule.
Kuyaqapheleka ukuthi iPirates inqume iCeltic ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoLwesithathu ebusuku.
Kungase kuzikhuthaze kakhulu ezimnyama ukwazi ukuthi zibhekana nabantu ezisanda kubanquma ngo 1-0.