UKWEHLULEKA kweReal Madrid ukuvikela izicoco zayo ezimbili ngesizini edlule kwenza kulindeleke lukhulu kuyona kule sizini, ekubuyiseni isithunzi sayo njengenye yezingqungqulu ebholeni laseSpain nase-Europe, okungamangazi ukungena kwayo shi, emakethe isayinisa abadlali abanohlonze ukuqinisa isikwati sayo.
Ngesizini ka-2021/22 iMadrid yenze ezibukwayo inqoba izicoco ezimbili, okungeseSpanish La Liga ne-Uefa Champions League kodwa ngesizini edlule yehluleka ukuvikela lezi zicoco. EseLa Liga sinqotshwe yizimbangi iFC Barcelona, kwathi kwiChampions League yahluleka yancama ukuyivikela iguqiswa yiManchester City kowandulela owamanqamu, okugcine kuyiyona iCity ekhale yemuka nesicoco.
Nakuba iMadrid ikwazile ukunqoba isicoco seCopa del Rey ngesizini edlule ngokuguqisa i-Osasuna kowamanqamu kodwa lesi sicoco singeze safaniswa neseLa Liga neseChampions League, okuyingakho izoqonga mawala ingcindezi kumqeqeshi waleli qembu, uCarlo Ancelloti.
Ngesizini edlule kuvele ukuthi lo mqeqeshi osengumakadebona, ugaqelwe yiqembu lesizwe laseBrazil, okulindeleke ukuba alijoyine ngo-2024 okuwunyaka okuzophela inkontileka yakhe neqembu laseSpain njengoba iphela ngoJuni ka-2024.
Ngakho-ke le sizini ka-2023/24 ithathwa njengesizini yakhe “yokugcina” yokuthi ashiye ngenothi eliphezulu enqobele iqembu isicoco esibalulekile.
Nebala, ukusayinisa kweqembu lakhe abadlali abanohlonze selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, kuyinkomba yokuthi leli qembu laseMadrid kalisinisi mahleza ngezinhloso zalo zokulwela izicoco ngesizini ezayo.
Phakathi kwabadlali abanohlonze asebesayiniswe yiMadrid kuleli windi, kubalwa isibabuli somdlali wasesiswini uJude Bellingham esisuka kwiBorussia Dortmund yaseGermany, noFran Garcia oyisiqongqwane sasemuva ohlangothini lwesokunxele osuka kwiRayo Vallecano yaseSpain.
I-Madrid kayigcinanga lapho njengoba ilande uBrahim Diaz, ongumdlali wasesiswini obebolekiswe kwi-AC Milan yase-Italy ebe ngompetha beSerie A ngesizini edlule.
Njengamanje leli qembu liphansi phezulu lifuna umgadli obukhali ozovala isikhala sikaKarim Benzema, oshiyile kuleli qembu wajoyina i-Al ttihad yaseSaudi Arabia.
Alokhu eqine njalo amahlebezi okuthi leli qembu lifuna uthuli umgadli weParis Saint Germain (PSG), uKylian Mbappe.
Lesi sibabuli somgadli esishaya phansi ngonyawo ukuvuselela inkontileka yaso nePSG, siyamaniswa nezinye izingqungqulu zase-Europe, okubalwa kuzo iLiverpool neChelsea.
Nakuba bese kusabale amahlebezi athi uMbappe usebolekiswe yiLiverpool kodwa umqeqeshi waleli qembu, uJurgen Klopp uyichithile leyo mibiko ekuqaleni kwaleli sonto, ekhuluma nabeSky Germany.
I-Madrid eqede isizini edlule isendaweni yesibili kwi-log yeSpanish La Liga, izovula isizini ka-2023/24 yeLa Liga ngokududulana ne-Athletic Club, ngo-Agasti 12, eSan Mames Barria.