Kusiphuka izidindi emdlalweni wokuvula we-Africa Cup of Nations (Afcon) phakathi kwe-Ivory Coast engosokhaya ezotholana phezulu neGuinea-Bissau eStade Olympique Alassane Outtare, e-Abidjan, namuhla ngo-10 ebusuku.
Iqembu elingosokhaya yilona elihlale linengcindezi yokwenza kahle njengoba lisuke lidlalela phambi kwezindimbane zabalandeli abasuke beleseka njengeqembu lasekhaya.Lena yinselelo ebhekene ne-Elephants, okuyisiteketiso seqembu lesizwe lase-Ivory Coast.
I-Elephants ebalwa namaqembu ase-Afrika anomlando ophathekayo kulo mqhudelwano we-Afcon, ibalwa namaqembu athwelwe ngeqoma emqhudelwaneni waku lonyaka uma kuqhathaniswa nezimbangi zayo ezobhekana nazo namuhla, iGuinea-Bissau engakaze idlulele esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano selokhu yabamba iqhaza okokuqala kuwona ngo-2017.
I-Elephants eqeqeshwa wuJean-Louis Gasset odabuka eFrance, ibalwa namazwe ase-Afrika agabe ngenqwaba yabadlali abalidovoya emaligini ebhola amakhulu ase-Europe, okubalwa uSebastian Haller, Seko Fofana, Nicolas Pepe, nokaputeni uSerge Aurier, ukubala abambalwa.
Kanti iDjurtus - okuyisitekiso seGuinea-Bissau - eqeqeshwa wumqeqeshi wasekhaya, uBaciro Cande, nayo inazo ezayo izihlabani ezigijima emaqenjini ase-Europe, okubalwa kuzo uMama Balde, ogijima kwi-Olympique Lyonnais yaseFrance, noZinho Gano ogijima kwiZulte Waregem yaseBelgium.
I-Ivory Coast neGuniea-Bissau bakeliswe kuGroup A othakwe ngeNigeria ne-Equatorial Guinea abazogadulisana kusasa ngo-6 ntambama. Kuleli qoqo kubhekwe ukuthi kuye yi-Elephants neSuper Eagles abaqeda phezulu ngenxa yomlando ophathekayo ebholeni lase-Afrika. Womabili la mazwe ayiwina i-Afcon eminyakeni edlule.
USebastien Haller (Ivory Coast):
UHaller (29) ongumgadli ogijima kwiBorussia Dortmund yaGermany, ngomunye wabagadli i-Elephants ezothembela kubona kulo mqhudelwano ekuyitholeleni amagoli amqoka, ikakhulukazi njengoba isazobhekana namanye amaqembu okubalwa kuwo iNigeria ne-Equatorial Guinea eqhathwe nawo kuGroup A.
UMama Balde (Guinea Bissau):
UBalde (28) ukhulele esikhungweni seSporting Lisbon yasePortugal. Ugijima kwi-Olympique Lyonnais yaseFrance, abolekiswe kuyo yiTroyes yakhona eFrance. Nngomunye wabagadli okulindeleke ukuba benze izinto zenzeke kwiDjurtus enenselelo yokuqeda ishobolo lokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano webhola omkhulukazi ezwenikazini i-Afrika.