UKUKHALA kwenduku kwiMamelodi Sundowns koweBetway Premiership ngesikhathi ibhekene nePolokwane City ngempelasonto edlule kuholele ekutheni umqeqeshi wayo, uManqoba “TV” Mngqithi, aqaphele amabala amaningi kubadlali bakhe.
ISundowns ihlulekile ukubuyela esicongweni kwi-log ngesikhathi ivumela ukuthi iPolokwane yenze okuwehlule wonke amaqembu esigaba esikhulu ngesizini edlule.
Ngesizini edlule ebuholini, bukaRhulani Mokwena, iSundowns idlale isizini yonke kweyeligi ngaphandle kwenduku ekuhambeni.
IRise and Shine inqobe ngo 1-0 wegoli likaBulelani Nikani, okuwumphumela oyikhuphule wayoyibeka endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-10.
Emuva kwalo mdlalo obuse-Old Peter Mokaba, uMngqithi uvulele abezindaba isifuba ngokuningi angeneme ngakho. Uthe ukuqaphele ngenxa yomphumela ababuye nawo.
Nakuba bekusobala ukuthi akeneme ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba, uMngqithi ubengakufihli ukuthi induku yePolokwane ibingahlangene nokushintsha kwakhe sonke isikimu kwebesiqale umdlalo weligi odlule neRoyal AM.
“Ayizange ingichaze indlela esakhe ngayo amathuba kulo mdlalo kanjalo nesivinini engisibone kubadlali bami asizange singihlabe umxhwele,” kusho yena.
“Yize besingena engxenyeni enkulu yePolokwane kodwa kuyangiphoxa ukuthi silishayele kanye kuphela ipali umdlalo wonke.
“Okungithusayo ngalesi sikimu ukuthi sishaya into ephansi nje, isona ebesiqale oweGolden Arrows esiyibhubhudle ngo 5-0 ezinsukwini ezimbalwa ezedlule,” kubalisa uMngqithi.
Ukukhala ngamathuba yinto ejwayelekile kubaqeqeshi kodwa uMngqithi uvamise ukubavikela abadlali bakhe.
Kulokhu uMngqithi uwukhombe kubona (abadlali) umunwe.
“Amathuba awele ku-Iqraam (Reyners), bekumele asebenzise okungenani elilodwa kanjalo nelitholwe, uSiphelele (Mkhulise), ngemizuzu yokugcina.
“Okungiphoxa kunakho konke izinqumo ebezithathwa abadlali engibathembile. Ubelilahla kalula uma likuyena uTashreeq (Matthews), kanjalo noSiyabonga (Mabena), bebengeyona le nto engiyijwayele kubona.
“Ngeke kusize ukubalisa kodwa kufanele sisheshe siwukhohlwe lo mphumela bese sishayela iPolokwane ihlombe ngokuhlale ineqhinga lokusimpintsha,” kusho uMngqithi.
ISundowns izobuyela kweyeligi ngoLwesithathu lapho izokwamukela khona iCape Town City ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.
“Ngicabanga ukuthi iqhinga lethu lokuvumela iSundowns idlale maphakathi nenkundla kodwa siyigxumele uma izama ukuya ezimpondweni kuthele izithelo ezinhle.
“Udonga lwethu lwasemuva lube imbangela yalama phuzu amathathu asikhuphula asibeke endaweni yesine kwi-log,” kusho umqeqeshi weRise and Shine uPuthi Mohafe.