IFISA ukubona ngelinye ilanga kuqeqesha abesifazane kwiPremier Soccer League (PSL) indodakazi kaGavin Hunt, uKaitlin (26). Ungomunye wabathweswe iziqu zikaCaf C Licence kanti izifundo bezixhaswe yiHollywoodbets, ngaphansi kwaSafa Ekurhuleni, eGauteng.
Le ntokazi iqale ukwaziwa ngoMashi nyakenye yenza uSafa D Licence noTlhopie Motsepe, ongumengameli weMamelodi Sundowns. Iyiwele likaKeegan naye oneziqu zeSafa D Licence.
Awadingi kuchazwa ebholeni lakuleli amangwevu kayise wezintokazi okumanje ungumqeqeshi weSuperSport United.
UKaitlin umbonge wancocoza uyise ngokuphumelela kulolu hambo lwakhe.
"Ngizizwa ngibusisekile ngokuthola lezi ziqu. Ngangingakaze ngizitshele ukuthi ngiyofika kulesi sigaba. Ngangithukile ngesikhathi ubaba engitshela ukuthi angiyokwenza uiCaf C Licence. Kube wuhambo olude olusazoqhubeka. Ngizimisele ukugcina ngifinyelele kwi-Uefa Pro Licence," kuchaza uKaitline obezwakala ejabule.
Uqhube wathi ngeke atatazelele ukwenza uCaf B Licence. Ulwazi asanda kuluthola uzoqale alusebenzise esikhungweni semidlalo asebenza kuso iBalderstone Sports Institute (BSI), eGoli.
UKaitlin uzwakalisa ukungenami ngokubandlululwa kwabaqeqeshi besifazane ekuqeqesheni amaqembu ePSL.
"Ngiyazibuza ukuthi kumele size senzenjani singabantu besifazane ukuze sihlonishwe? Uma abesilisa bekwazi ukuqeqesha amaqembu abesifazane thina singahlulwa yini kwawabo? Uma sifundela iziqu zokuqeqesha sisuke sisonke, abanye size sibahlule ngemiphumela. Angizikhulumeli mina kodwa inqwaba yabesifazane eyazi ibhola ngendlela eyisimanga. Ibhola aliyi ngobulili, konke kulele emqondweni," kuqhuba uKaitlin.
Waqhubeka waveze ukuthi nakuba ikhona indima esihlakuliwe ekuthuthukiseni ibhola labesifazane kodwa kusekude phambili. Wathi njengoba kuyinyanga yabesifazane kumele bakhulume ngazo zonke izinkinga ababhekene nazo.
"Empeleni kumele sihlale sikubeka obala ukuhlukumezeka kwethu singabantu besifazane. Igebe phakathi kwabesifazane nelabesilisa liselikhulu ezintweni eziningi. Asihlonishwa, sihola imali encane uma kuqhathaniswa nabesilisa, asinikwa ithuba lokuveza ikhono lethu, nabezindaba bayasiziba, izinkampani azifuni ukuxhasa ibhola lethu. Lezi zingqinamba zenzeka kuzona zonke izinhlanga."