IMorocco ne-Egypt bathwele amathemba e-Afrika kweyandulela eyamanqamu kunobhutshuzwayo wabesilisa kuma-Olympic, aseParis, eFrance, njengoba bebhekene neSpain nosokhaya iFrance ngoMsombuluko ngokwahlukana.
Ngaphandle kweNigeria e-Atlanta ngo-1996 neCameroon ngo-2000 eSydney, alikho iqembu lesizwe lase-Afrika eselike lagoduka nendondo yegolide kuma-Olympic.
Amathemba ezwekazi kunobhutshuzwayo wesilisa kulokhu athwelwe iMorocco ezobhekana neSpain namuhla ngo-6 ntambama, eMarseille.
Kuzodlula amahora amathathu, osokhaya iFrance babhekane nelinye ithemba le-Afrika i-Egypt eLyon.
Yomibili le midlalo ibukeka inzima kwawase-Afrika kwazise iSpain ishaywe kowamanqamu womqhudelwnao odlule kanti iFrance kuze kube yimanje ayikangenelwa igoli.
IMorocco eholwa, u-Achraf Hakimi, wePSG idlule ngehubo lika 4-0 kwi-United States of America (USA) kwi-quarter-final kwathi i-Egypt yanqoba emaphenathini kwiParaguay umdlalo kade uphele zibambene ngo 1-1.
ISpain ethwelwe ngeqoma ukudla isicoco ngenxa yebhola elihle elidlalayo ikhiphe iJapan ngesibhaxu sika 3-0 kubhoke, uFermin Torres, weFC Barcelona, kwathi iFrance eqeqeshwa, uThiery Henry, yadlula ngo 1-0 kwi-Argentina.
IFrance neSpain bayawazi umuzwa wokudla indondo yegolide kuma-Olympic kodwa iMorocco ne-Egypt basethubeni lokuzifaka emlandweni weNigeria neCameroon.
Womabili la mazwe ase-Afrika adlala leli okuthiwa linenkosi phakathi ibhola futhi akukho lapho abadlali bawo bekhombisa khona ukuxhamazela kwazise iningi labo lidlala emaligini ahlukene emhlabeni.
Nakuba konke kuvuna iSpain neFrance ukuthi babhekane kowamanqamu, kusengenzeka futhi babange indondo yethusi inqobo uma amathemba e-Afrika ezoqhubeka nokungathuki kepha alibeke phansi.