UKUNGAVIMBEKI kweManchester City esiqhobozela kwasani okuphambi kwayo, kubukeka sekuyinkomba yokuthi sekukuncane kakhulu okungayivimba ekugudluzeni i-Arsenal esicongweni se-log, ye-English Premier League.
Ukunqoba kweManchester City ngoLwesithathu inenebula i-Arsenal ngo 4-1 emdlalweni wePremier League obuthathwa njengobucacisa ngombango wesicoco seligi, kuthumele umyalezo oshubile ezimbangini zayo, i-Arsenal, ukuthi ayisasinisi mahleza ngokuvikela isicoco sayo esinqobe ngesizini edlule.
Uma iCity igcina ngokusithatha isicoco seligi kuzobe sekuyihlandla lesithathu amasizini elandelana kusukela ngesizini ka-2020/21, idla lesi sicoco ngaphansi koqweqwe lomqeqeshi, uPep Guardiola.
Yize iCityihlukaniswe ngamaphuzu amabili ne-Arsenal okuyiyona esahlezi phezulu ngamaphuzu angu-75, kodwa ngokwezibalo iCity enamaphuzu angu-73 inethuba elingcono kakhulu lokuyigudluza, ngenxa yokusalela kwayo emuva ngemidlalo emibili njengoba isidlale engu-31 ekubeni i-Arsenal isidlale engu-34.
Nomqeqeshi wayo imbala, uGuardiola, phambilini obengathandi ukuphumela obala ngamathuba ezakhe okunqoba isicoco sePremier League, kodwa ngemuva komdlalo wangoLwesithathu uzwakale esecula elinye iculo.
“Sekusezandleni zethu (ukunqoba isicoco). Impela ngingathokozela ukuthola amaphuzu ayisithupha kule midlalo emibili esisalele ngayo emuva, kodwa kufanele siyinqobe nakanjani.
Nginomuzwa wokuthi imidlalo yethu emithathu elandelayo yiyo ezocacisa. Emdlalweni olandelayo sizodlala neFulham edlala kahle ngaphansi kukaMarco Siva, owenza umsebenzi omuhle kuleli qembu okuyisizini yalo yokuqala le kwiPremier League lisuka kwiChampionship. Ngemuva kwalowo mdlalo sizobe sesiba nemidlalo emibili ekhaya, futhi sidlala kahle kule sizini uma sidlalela phambi kwabalandeli bethu,” kusho uGuardiola ecashunwa yiManchester Evening News.
I-The Citizens idinga amaphuzu ayisithupha emidlalweni yayo emibili elandelayo yePremier League esalele ngayo emuva ezoyidlala neFulham (ekuhambeni) kusasa ngo-3 ntambama, neWest Ham United (ekhaya), ukuze kube yiyona eqhwakela phezulu.
Ngakolunye uhlangothi, iGunners kuzodingeka iyinqobe kumnyama kubomvu imidlalo yayo emihlanu eyisalele, okubalwa kuyo oweChelsea (ekhaya) noweNewcastle United (ekuhambeni), bese ithandazela ukuthi izimbangi zayo i-The Citizens ziqhuzuke.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla:
Crystal Palace v West Ham (1.30pm); Brighton Wolves v Wolves (4pm); Brentford v Nottingham Forest (4pm)
Kusasa:
Manchester United v Aston Villa (3pm: Fulham v Manchester City (3pm); Bournemouth v Leeds United (3pm); Newcastle United v Southampton (3pm); Liverpool v Tottenham Hotspur (5.30pm)