KUNXUSWA abathandi bebhola bakuleli ukuba baphume ngobuningi bayokweseka iqembu lesizwe labesifazane, iBanyana Banyana njengoba linemidlalo emqoka ezayo yokulwela ukuzibekisela indawo kuma-Olympics.
IBanyana izotholana nezimbangi zayo ezinkulu iNigeria emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela le midlalo ezoba seParis, eFrance kusukela ngoJulayi.
Sekusele izindawo ezimbili zamazwe ase-Afrika, okumele zithathwe ozonqoba phakathi kwelakuleli neNigeria, iMorocco neZambia.
Umdlalo weBanyana namaSuper Falcons, owomlenze wokuqala uzoba sekuhambeni ngo-Ephreli 5. Owesibili uzoba kuleli eLoftus Versfeld ngo-7.30 ebusuku ngo-Ephreli 9.
Aseqalile ukudayiswa amathikithi omdlalo wakuleli njengoba etholakala eTicketPro ngo-R50 awabadala, kube u-R20 awezingane.
ULydia Monyepao, oyisikhulu esiphezulu senhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa, uthe abalandeli abaphume ngobuningi futhi bangakholwa wukugqoka imifaniswano noma imibala ehambisana neqembu lesizwe.
“Niyacelwa ukuthi nifake umbala ophuzi womfaniswano weqembu lesizwe. Sifuna iLoftus ihlokome ngalolu suku,” kusho uMonyepao ethimbeni labezindaba leSafa.
Kulindeleke ukuthi umqeqeshi uDesiree Ellis alimemezele maduze iqembu azoqala nalo ikhempu yokulungiselela umdlalo.
Ozonqoba phakathi kweBanyana neNigeria uzojoyina uGroup C kuma-Olympics obophele amaqembu anzima ebholeni labesifazane, iJapan, Brazil nompetha bomhlaba iSpain.
Elakuleli lagcina ngo-2016 kuma-Olympics njengoba lahluleka ukuzifaka kwayeseTokyo, Japan ngo-2020, agcina ehlehliselwe u-2021 ngenxa ye-Covid-19.
Kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi phakathi kwelakuleli namaSuper Falcons njengoba kwaziwa ukuthi la maqembu ayizimbangi ezinkulu. Egcina ukuhlangana la mazwe emdlalweni omqoka iBanyana yadlula ngo 2-1 kwi-Women Africa Cup of Nations ngo-2022.