Portugal (0) 3
Ghana (0) 2
IGHANA iphunyukwe iqatha isilibambe ngesandla ngesikhathi idedela iPortugal emdlalweni ka-Group H weNdebe yoMhlaba odlalwe ngoLwesine ebusuku, eStadium 974, eDoha, eQatar.
Inkundla ivulwe uCristiano Ronaldo okube iphenathi amanye ePortugal ashaywa uJoao Felix noRaphael Leao becisha eleGhana elishaywe u-Andre Ayew ebelenze umdlalo waba ngu 1-1. Wonke la magoli angene esiwombeni sesibili.
Elesibili leGhana lishaywe u-Osman Bukari umdlalo usuyela ngasemaphethelweni. Lo mphumela ubeke iPortugal esicongweni kuGroup H ngamaphuzu amathathu ngemuva kokuthi i-Uruguay neSouth Korea babelane ngephuzu bebambana ngo 0-0.
Ithuba lokuqala lomdlalo liwele kuRonaldo ngomzuzu ka-10 ephume yedwa kodwa wavimba kamnandi uLawrence Ati-Zigi, obesezintini zeGhana.
Ngokuhamba komdlalo iPortugal ibilokhu ikhombisa izimpawu zokufudumala noRonaldo esefika kulandelana ezintini zeGhana.
Okusheshe kwahlala obala nokho ukuthi iGhana ize kulo mdlalo ikwamukele ukuthi ibhola lizoba kwiPortugal kwazise ibophele abadlali bonke abagijima emaqenjini abalwa namakhulu emhlabeni.
Ubufakazi balokhu ukuthi cishe sonke isiwombe sokuqala umdlalo ubusengxenyeni enkulu yamaBlack Stars.
Yize bekunjalo kodwa udonga lwasemuva lweGhana obeluqala esiswini belwenza iPortugal igcine isixhamazela kwazise bekungenzeki ngale ndlela yona (iPortugal), ebifuna ngayo.
Kunezikhathi lapho bese bekhombisa khona izimpawu zokuhluthuka koBruno Fernandes, Joao Cancelo, Bernardo Silva, Joao Felix noRonaldo ebelingafiki nhlobo kuyena ibhola.
Zithe ukulikhuphula izinga lezi zihlabani zePortugal seziyela ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kodwa kwagcina kuphunyulwa zibambene ngo 0-0.
Emizuzwini eyishumi yokuqala esiwombeni sesibili iGhana ikhombise umfutho ongcono kodwa umdlalo ubusalokhu uqhubeke ngendlela efanayo, kuyiPortugal enamathuba angcono okushaya igoli.
Ubelokhu egqame yedwa njalo ngeminyakazo ebonakaloyo uMohamed Kudus, kodwa u-Ayew no-Inaki Williams obekufanele bamsize bebehlale bekude naye uma ezama.
Kuphakame amaphaphu enkundleni kubekwa iphenathi edalwe uMohamed Salisu, ohlawuliselwe ukudlalisa kabi uRonaldo ebhokisini.
Ithathwe uyena uRonaldo lephenathi ngomzuzu ka-65 wayibeka enethini ezifaka emlandweni wokuba umdlali wokuqala emlandweni ukushaya amagoli kweyeNdebe yoMhlaba emihlanu ehlukene.
Akuzange kuyidikibalise iGhana lokhu njengoba uKudus akhele u-Ayew igoli lokulinganisa alishaye ngomzuzu ka-73 obekungelokuqala ukushaywa izwe lase-Afrika eQatar.
Bobabili abaqeqeshi benze izinguquko ngoba befuna amaphuzu amathathu nangempela uJoao Felix, uphiwe ithuba lokubeka phambili iPortugal walisebenzisa ngomzuzu ka-78.
Leal obesanda kungena kube sengathi ushayele isipikili sokugcina ngegoli alishaye ngoka-80 kanti usazobuya u-Bukari naye obesanda kungena ebuyisa ithemba.
IPortugal iyona ebese yehlise umdlalo kwaze kwaba uyaphela yize kucishe konakala ekugcineni unozinti wayo ecishe enza imbedumehlwana esusa ibhola kanti kukhona umdlali weGhana ongemuva kwakhe. Ulanyulelwe yizitobha zakhe, zakwazi ukususa umhlola ekhaya. Ngaleso sikhathi ibhentshi lePortugal bese limi lonke ngezinyawo, selijahe ukuthi umdlalo uphele.