KUFANELE ukuba kuqhilika izihlathi ngenxa yenjabulo kubaxhasi beNedbank Cup kulandela ukuthi iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates begwemene ngesikhathi kuqhathwa imidlalo eyandulela eyamanqamu yalo mqhudelwano ngeSonto ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Ngokunqoba ngo 2-0 wamagoli, kaBienvenu Eva Nga noRoscoe Pietersen, kwi-TS Galaxy, iChippa United izifake esigqokweni semidlalo eyandulela eyamanqamu.
Kowokuqala owandulela amanqamu iChippa izokwamukela i-Orlando Pirates kanti kowesibili iStellenbosch FC izokwamukela iMamelodi Sundowns. Izinkundla nezinsuku okuzodlalwa ngazo kusazomenyezelwa.
Owamanqamu weNedbank Cup kule sizini uzodlalelwa eMbombela Stadium, ngoJuni 1.
Ukungahlangani kweSundowns nePirates kufanele ukuba kwehle kahle kubaxhasi kwazise lisaphila iphupho lokuthi la maqembu abalwa namakhulu ebholeni lakuleli engase agcine ehlangana kowamanqamu, okungasho omunye umdlalo ongathakaselwa abalandeli bakuleli.
Iqembu elizodla iNedbank lizohamba nesheke lika-R7 million nethikithi lokudlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
IChippa izifake esigqokweni seyandulela eyamanqamu ngewini engakhulumisi ngaphambi kokuthi ziqhathwe kuyona le nkundla.
Nakuba bekuyiGalaxy ehlasela ngamandla kodwa ngomzuzu ka-30, u-Eva Nga, ubeke izivakashi ebuhleni ngegoli eliqhamuke kungalindelekile.
Kucishe kwayiwa ekhefini sekonakele kakhulu kodwa, uFiacre Ntwari, obevimbele iGalaxy ubelokhu elitakule njalo iqembu lakhe kwaze kwaba kuyophunyulwa.
Ngaphandle kokuphakama kwemimoya kubadlali nhlangothi zombili, amathuba okuzibeka ebuhleni abelokhu eziveza kuwona womabili la maqembu kwaze kwaba umzuzu ka-88 lapho, uPagiso Sanoka, eyeke khona ithuba lokulinganisa ngephenathi.
Lokhu kulandelwe ukuthi iChippa ithole eyayo iphenathi ethathwe, uPietersen obesanda kungena wayibeka phakathi ngomzuzu wokugcina kwaphela kanjalo ngephupho, likaSead Ramovic, lokuwinela iGalaxy iNedbank kule sizini.