Orlando Pirates 0-4 Mamelodi Sundowns
AMATHE abuyele kwasifuba kwabe-Orlando Pirates iphendulwa izimpuphu yiMamelodi Sundowns kowamanqamu weCarling Black Label Cup eFNB Stadium, ngoMgqibelo ntambama.
ISundowns iqukule indebe yeCarling ngemuva kokwehlula iPirates ngamagoli kaSiphelele Mkhulise, Grant Kekana noCassius Mailula angene esiwombeni ngasinye.
ISundowns ifinyelele kowamanqamu ngemuva kokubhubhudla AmaZulu emdlalweni wokuqala wosuku.
IPirates izibekisele indawo ngokwehlula iKaizer Chiefs sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngokushaya iPirates, amaBrazilians aziphindiselele kulandela ukuxetshulwa kwawo ngeZimnyama ngo 3-0 koweMTN8 ePolokwane emasontweni adlule.
Kuyiwe kwiCarling Cup abalandeli bePirates bebheke ukuqhubeka nomuzwa wokuwina kwazise kade besabhiyozela ukuwina iMTN8 eThekwini, ngesonto eledlule.
Nokho konke kushabalale okwamazolo ebona ilanga emuva kokuthi ishaye amagoli asheshayo esiwombeni sokuqala.
Enkundleni, iPirates ihlasele zibekwa kodwa yonke imizamo kade iphelela odongeni lwasemuva lweSundowns.
AmaBrazilians kade ikhombisa ukuba yingozi uma eshoshela phambili. Okusheshe kwagqama kulo mdlalo wukuba buthaka kwePirates emuva kwesokudla lapho bekudlaliswa khona uNtsako Makhubela ongumdlali wasesiswini ongakaze adlale kule sizini.
Ngomzuzu ka-21, zengezekile izinkinga zePirates ngesikhathi uThapelo Xoki okhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uHashim Domingo.
Emuva kwemizuzu emithathu uMkhulise uthole endaweni kaXoki, engamakiwe walivalela phakathi.
Ngomzuzu ka-33, uKekana ushayele iSundowns elesibili sebeqede konke ngodonga lwasemuva lwePirates. Emuva kwemizuzu emibili, uMailula ushaye elesithathu.
Esiwombeni sesibili, iSundowns iqhubeke lapho egcine khona kwesokuqala ihlasela zibekwa. Nokho kade ihluleka ukusebenzisa amathuba.
IPirates ikhombise ukuba bukhali sekungene uMonnapule Saleng, obewuhlupho ezitobheni zeSundowns. Ngomzuzu ka-66, uMailula ushayele iSundowns igoli lesine.