Japan (1) 1
Croatia (0) 1
KUDINGEKE amaphenathi ukuze iCroatia idlulele kwi-quarter final yeNdebe yoMhlaba kulandela ukunqoba kwayo ngawo ngo 3-1 kwiJapan sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni we-last 16 yalo mqhudelwano ngoMsombuluko ntambama, e-Al Janoub Stadium, eQatar.
Igoli lokuqala lomdlalo lidunyiswe enethini, uDaisen Maeda weJapan, ngasekupheleni kwesiwombeni sokuqala kodwa walinganisa, u-Evan Perisic, ngasekuqaleni kwesesibili.
Unozinti weCroatia, uDominik Livakovic, uyena obe iqhawe ngokuvimba amaphenathi amathathu abethathwe uTakumi Minamino, Kaoru Mitoma noMaya Yoshida.
Kube uTaiko Asano kuphela oyishaye phakathi kwiJapan. AweCroatia, abekwe enethini uNikola Vlacic, Marcelo Brozovic noMario Pasalic abawashaye phakathi wayishweba eyakhe uMakro Livaja.
Yize iCroatia bekulindelekile ukuthi iwuphathe umdlalo ngokwekhono labadlali bayo abadume umhlaba wonke, iJapan ikhombise zisuka ukuthi izoba ingozi ngejubane.
Maningi amathuba awele kwiJapan esiwombeni sokuqala kodwa wonke ebevela ngamabhola abesuke onakale esiwini kwabeCroatia.
Seziyela ngasekusongweni kwesiwombe sokuqala, uMaeda (obekade eqalile eqhamuka neminyakazo ethusayo), ubeke iJapan ebuhleni ngeshodi alishaye phakathi ngomzuzu ka-43, eseduze namapali zasala zinkemile izitobha zeCroatia.
Bekuyiphoqa ukuba ikhuphule izinga iCroatia esiwombeni sesibili kodwa iJapan iyona ebuye isakhombisa ukuba namandla ikakhulukazi emabholeni agotshiwe.
Kube iCroatia nokho elinganisa ngengcwenga yegoli elingqofelwe enethini uPerisic ngomzuzu ka-55 obekuyigoli lakhe lesithupha emidlalweni eyahlukene yeNdebe yoMhlaba.
Kudlule umzuzu owodwa, uYasuhito Endo, wajikijela inguzunga yeshodi kodwa wayichithela ngaphandle, uLivakocic, obevimbele iCroatia.
Kuphinde kwawukhuphula umdlalo ukulinganisa kweCroatia kwazise neJapan ibisiphoqelekile ukusuka emuva eyofuna amagoli.
Lokhu bekuyishiya iklayekile emuva okuyilapho ebelokhu eqhamuke khona njalo ngobungozi uPerisic, sekuvuke noLuca Modric noMateo Kovacic.
Bobabili abaqeqeshi baqalile benza izinguquko umdlalo usubheke emizuzwini yokugcina engu-20 kwazise bese kucaca ukuthi abadlali abaningi bese bekhathele zinhlangothi zombili.
Akuzange kwenze mehluko lokhu nokho kwazise umdlalo uhambe waze wadlulela kwi-extra time lingekho elivuma ukugoba uphondo.
Bakhishiwe uModric noKovacic esiwombeni sokuqala se-extra time esisongwe ngeminyakazo eyingozi yeJapan.
Okusheshe kwacaca kwi-etxra-time ukuthi womabili amazwe abesedlala usukhona umqondo wamaphenathi agcine enqotshwe iCoatia.