I-KAIZER Chiefs isethubeni lokunombela ngezimbangi i-Orlando Pirates, njengoba isemkhankasweni wokushubisa umbango wesicoco seligi yeDStv Diski Challenge (DDC) kuze kuphele isizini.
Amakhosi azogadulisana neZimnyama emdlalweni ozoba seDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-3 ntambama. Kuyona le nkundla ngoMgqibelo, kuzobhekana iMagesi neMarumo Gallants ngo-1 emini, kulandele owabakhaya basePitoli okuyiSuperSport United neMamelodi Sundowns ngo-3 ntambama. Owabakhaya baseSoweto, uzovulelwa ngowabaseLimpopo, iPolokwane City neSekhukhune United.
Kufanele wukuthi umdlalo weChiefs nePirates uzothoba izinhliziyo zabalandeli balezi zinkunzi zaseSoweto, kwazise bayoze bawubuke ngonyaka ozayo owezikimu ezidlala kwiBetway Premiership.
IChiefs isendaweni yesibili kwi-log yeDiski ngamaphuzu angu-23 emuva kwemidlalo eyishumi. Ibambene ngamaphuzu neStellenbosch esesicongweni emuva kwemidlalo engu-11. IStellies engompetha banyakenye beDiski, iyiqale ngesivuthevuthe isizini ka-2024/2025, kodwa kubukeka ingeke ikuthole ukuphefumula esicongweni.
Nakuba iChiefs iwadinga amaphuzu ukuze ingasali embangweni kodwa iPirates iyona ewalambele kakhulu kwazise iyaqhubeka nokwehla kwi-log. EZimnyama zehlele endaweni yesikhombisa emuva kokubanjwa yiRichards Bay ngo 1-1 ngempelasonto edlule. Zinamaphuzu angu-19 emuva kwemidlalo engu-11.
IPirates isithwele kanzima nje, inyuse amathemba ngesikhathi ibuya namaphuzu amathathu kwiStellies eKapa. Nokho kube nebohlololo isithelwa othulini yiSuperSport ngo 3-2 ngempelasonto yokugcina ku-Okthoba.
Ngasohlangothini lweChiefs, isele ngemuva ngemidlalo ngenxa yokuthi ayidlalanga kweyokugcina ku-Okthoba kwazise kwakumele idlale neRoyal AM esikhishiwe kwiDiski. Ngempelasonto edlule, iqhubeke nomgqigqo ishaya iCape Town City ngo 3-0 lapho obekubhoke khona umgadli uNeo Bohloko oshaye amagoli amabili. Ukushuba kweligi yeDiski kukhulisa amathuba okuthi kuphele impelasonto sekuhlezi elinye iqembu esicongweni se-log uma iStellies yehluleka ukuthola amaphuzu agcwele kuMaZulu ngoMgqibelo eThekwini.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo: AmaZulu v Stellenbosch (Chatsworth, 12pm); Magesi v Marumo Gallants (Dobsonville Stadium, 1pm); SuperSport United v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium, 3pm)
NgeSonto: Cape Town City v TS Galaxy (Malta Park, 10am); Richards Bay v Golden Arrows (Chatsworth Stadium, 12pm); Polokwane City v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium, 1pm); Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (Dobsonville Stadium, 3pm)