KUVELA ukuthi isikhwishikhwishi seMarumo Gallants, uCelimpilo Ngema, sinyonyobelwa yiKaizer Chiefs.
Isolezwe selihoshe ukuthi lo mdlali waseMelmoth, ufunwa uthuli AmaKhosi. Ngesikhathi kuvulwe iwindi ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023, uNgema ubemataniswa ne-Orlando Pirates.
Ngokusho komthombo waleli phephandaba njengoba imidlalo isamile ngenxa yemidlalo yeNdebe yoMhlaba, imenenja yalo mdlali isike yathintwa iChiefs ukuze ngekusasa lakhe neGallants.
"Ichiefs imfuna ngempela uNgema. Empeleni iChiefs lo mdlali kade yamlandela, kusukela esadlala emazingeni aphansi. Ngicabanga ukuthi yamyeka ngoba mhlwambe bekusamele akhule. Njemanje isiqale phansi. Uma konke kuhambe kahle ngicabanga ukuthi njengoba kuzovulwa iwindi lo kuhwebelana ngabadlali uCelo (Ngema) uzosayina kwiChiefs inkontileka yesikhashana.
“Okuhle ukuthi kubukeka nabanikazi beqembu (iMarumo) bengenayo inkinga ngokumdedela. Mhlawumbe okungavimba ukuba asayine kwiChiefs ukuthi iMarumo imthatha njengomdlali wayo wezinga eliphezulu," kubeka umthombo.
Kuthintwa uNgema, uthe: "Le nto okhuluma ngayo angiyazi. Mina ngiwudlali weMarumo. Uma kuwukuthi kukhona okwenzekayo ngizozwa ngabaphathi bami.“
UBobby Motaung oyimenenja yeChiefs okunguyena obhekelele ezokusayiniswa nokudedelwa kwabadlali, uthe: “Mmm, ngivaleleke emhlanganweni. Ngicela uphinde ungithinte, ngeke ngikwazi ukukhuluma. Nakuba ngingakwazi okhuluma ngakho kodwa ngiyaphinda ngithi izinto ezithinta izinkontileka ngezeqembu nabadlali kuphela. Nina bezindaba kanixhumi.”
Livovulwa ngoJanuwari iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Ngesikhathi uNgema emataniswa nePirates, kugcine kungenzekanga. Kodwa Ezimnyama zigcine zithathe esinye isikhwishikhwishi seGallants, uNdabayithethwa Ndlondlo.
Omunye umqeqeshi oke wazwakalisa ukuthakasela ibhola likaNgema, uManqoba Mngqithi ngaphambi kokuthi asuswe njengomholi wabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns.
Kumiwe iGallants ilele endaweni yesi-11 kwi-log yeDStv Premiership, ngamaphuzu awu-13. Leli qembu eseliphekwa wuDan Malisela liphinde lagila izimanga lizifaka esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederations Cup.