Kaizer Chiefs (0) 0
Golden Arrows (0) 1
I-KAIZER Chiefs iphinde yahluleka ukugcina umgqigqo ishaywa yiLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ntambama.
Igoli enqobe ngalo iGolden Arrows kulo mdlalo livalelwe phakathi nguGladwin Shitolo ngesiwombe sesibili kulo mdlalo obekungowasekhaya weChiefs.
IChiefs elokhu iqhubekile nokubhala icisha, ishaywa yi-Arrows nje ibibuya ekunqobeni iStellenbosch FC ngo 2-1 maphakathi nesonto. Ngaphambi kwalokho, ibishaywe yiCape Town City ngo 1-0 okuyinkomba yokwehluleka kwaleli qembu laseSoweto ukugcina umgqigqo.
Empeleni iChiefs kufanele izisole yona ngokwehlulwa kwayo yi-Arrows kulo mdlalo njengoba ngesiwombe sokuqala kuyiyona ethole indathane yamathuba okubhakuzisa inethi. Amakhosi yiwona abephezulu ngomdlalo kodwa ehluleka ukusebenzisa amathuba okubalwa kuwona ibhola elikhishwe nguNduduzo Sibiya sekusele kancane leqe ulayini selimdlile unozinti we-Arrows, u-Isima Watenga ngomzuzu ka-36.
Zibuya nje ekhefini, iChiefs yenze izinguquko ifaka uRanga Chivaviro endaweni kaTebogo Potsane, noReeve Frosler endaweni kaNjabulo Blom.
Emizuzwini embalwa nje engenile uChivaviro, uhlulwe uhlaba udle wethuba lokushayela Amakhosi igoli, eshaya ibhola eliphuma eceleni kwepali ngomzuzu ka-49 ngemuva kwebhola abelibekelwe nguMduduzi Tshabalala maqede wahhewulwa ngabalandeli baleli qembu.
IChiefs igcine ithola isijeziso ngokuyeka kwayo amathuba ngenkathi uShitolo evalela phakathi igoli le-Arrows ngomzuzu ka-56 kukade kuyi-free kick.
UFrosler ucishe watholela iChiefs igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-61 kodwa ibhola lakhe lashaya ipali maqede labuyela ezandleni zikanozinti uWatenga, sebesukume bama ngezinyawo abalandeli baleli qembu abebephume ngobuningi.
Ngokuwina kwiChiefs, Abafana Bes’thende babuyele kwi-Top 8 abebephume kuyona ngenxa yokubhimba kwemiphumela yakamuva. Ithimba labaqeqeshi le-Arrows elithakwe ngoKagiso Dikgacoi owayeyijini yeqembu, libhekwe ukuletha imiphumela ezojabulisa abaphathi kulandela ukulaxaza umsebenzi kukaMabhuti Khenyenza osekwiChippa United.