Cape Verde (1) 3
Mozambique (0) 0
ICAPE Verde ikhombise ukuba yingozi kwi-African Cup of Nations (Afcon) ingena ishushuluza emzuliswaneni weLast 16 kungabhekiwe ixebula iMozambique, eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan, ngoLwesihlanu.
Amagoli awelisengelibanzi iCape Verde, avalelwe phakathi nguBebe ngesiwombe sokuqala, uRyan Mendes noKevin Pina ngesiwombe sesibili.
ICape Verde beyize kulo mdlalo ishayela phezulu ngemuva kokuguqisa iGhana ngo 2-1 kungalindele muntu kowokuvula.
Ngakolunye uhlangothi iMozambique ebambane ne-Egypt ngo 1-1 kowokuvula, beyize kulo mdlalo kuthenjiwe ngemuva kokubamba i-The Pharaohs ebithwelwe ngeqoma.
ICape Verde ikhombise zibekwa nje ebhandeni ukuthi izele ukuzosebenza, njengoba icindezele zisuka kwaze kwayiwa ekhefini iphungwa ngezithebe.
Nebala ukuhlasela kweCape Verde kugcine kuthele izithelo, njengoba ngomzuzu ka-32 umgadli waleli qembu, uBebe evalele phakathi elokuqala, kwayiwa ekhefini lihamba phambili ngo 1-0.
Nangesiwombe sesibili iCape Verde iqhubeke lapho ebigcine khona, njengoba emzuzwini embalwa zibuye ekhefini ithole elesibili ngonyawo lukaMendes ngomzuzu ka-51, kwathi ngomzuzu ka-69 uPina washayela isipikili sokugcina.
Ukunqoba kweCidade Velha - okuyisiteketiso seCape Verde - kuyenze yaba yiqembu lokuqala elizibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo weLast 16 njengoba kuyiyona njengamanje ezihola phambili kuGroup B ngamaphuzu ayisithupha. Ilandelwa yi-Egypt ngamaphuzu amabili endaweni yesibili.
Izodlala nayo i-Egypt kowokusonga isigaba samaqoqo, ngoMsombuluko ngo-10 ebusuku, eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan.
Kanti ngakolunye uhlangothi, i-The Mambas esathole iphuzu elilodwa kuphela emidlalweni emibili isengcupheni yokusheshe igoduke ibuyele ekhaya uma ingawunqobi umdlalo wayo wokugcina esigabeni samaqoqo neGhana, ngoMsombuluko.
Empeleni i-Egypt, iGhana neMozambique yiwona maqembu kuGroup B asebhekene nenselelo yokulwela indawo yesibili. Eqoqweni ngalinye kwayisithuba e-Afcon kudlulela phambili amaqembu amabili aqede phezulu. Azojoyinwa ngamane aqede endaweni yesithathu kangcono esigabeni samaqoqo ukuze kuhlangane u-16.