Banyana Banyana (1) 1
Mozambique (1) 1
(IBanyana iwine ngo 3-1 kumaphenathi)
IBANYANA Banyana izibekisele indawo kowamanqamu eHollywoodbets Cosafa Women’s Championship, ngokuguqisa iMozambique sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wesibili owandulela owamanqamu ophele zibambene ngo 1-1, e-Isaac Wolfson Stadium, eGqeberha.
Kowokuqala obudlalelwa kuyo le nkundla, iZambia ithele isibhaxu sika 2-0 kwiMalawi, ebingompetha abavikela lesi sicoco eyasinqoba nyakenye ngokuguqisa iZambia kowamanqamu.
IBanyana izotholana phezulu neZambia kowamanqamu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eWofson Stadium, eGqeberha.
IMozambique yiyona ebibone inethi kuqala emdlalweni uCelia Miguel evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-33, nokho iBanyana yathola elokulinganisa sekubalwa imizuzwana yesikhathi somusa kanompempe ngaphambi kokuba ziye ekhefini, uTshegofatso Motlogelwa evalela phakathi iphenathi eyenze kwaba ngu 1-1.
Ukufinyelela kowamanqamu kweBanyana eqeqeshwa nguMaud Khumalo, ongumqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 20, ewuqale kahle lo mqhudelwano ngokuhlohla inqwaba yamagoli esigabeni samaqoqo, kuyiphonsela inselelo yokubuyisa isithunzi salo ngokunqoba lesi sicoco eyagcina ukusiphakamisa ngo-2022 ngokwehlula iBotswana ngo 2-1 kowamanqamu.
Ngakolunye uhlangothi ukwehluleka kweMozambique ukufinyelela kowamanqamu, kusho ukuqhubeka kweshobolo leminyaka. Leli qembu alikaze lifinyelele kowamanqamu alo mqhudelwano kusukela ekusungulweni kwawo ngo-2002, ukhangulwa yiBanyana okuyiyona esaphethe irekhodi lokuwunqoba amahlandla amaningi, ayisikhombisa.