Banyana Banyana (0) 2
Burkina Faso (0) 0
LIZIBEKISELE indawo kwiWomen's Africa Cup of Nations ezobanjelwa eMorocco, ngonyaka ozayo, iqembu lesizwe lebhola labesifazane linqoba iBurkina Faso ngo 2-0 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMsombuluko ntambama.
Amagoli aqinisekise ukuthi iBanyana izokwazi ukuvikela isicoco esinqobe ngonyaka odlule, ashaywe nguLinda Motlhalo noNicole Michael esiwombeni sesibili. Idlule ngo 3-1 sekuhlanganiswe imilenze yomibili. Owokuqala obudlalelwe e-Ivory Coast, ngoLwesine, uphele zibambene ngo 1-1.
Umqeqeshi uDesiree Ellis wenze izinguquko ezimbili eqenjini eliqale emlenzeni wokuqala e-Ivory Coast. Ezintini kuqale uKaylin Swart endaweni ka-Andile Dlamini, uJermaine Seoposenwe wangena esikhaleni sikaMichael ngakwesokudla phambili.
UJanine van Wyk uwuqalile umdlalo waqopha umlando ngokuba nemidlalo engu-185 eqenjini lesizwe. Ukhishwe ngomzuzu wesishiyagalombili, indawo yakhe yathathwa uLebogang Ramalepe.
Lesi sitobha esesiwabeka ethala amakhokho, siphule irekhodi le nkakha yase-Egypt, u-Ahmed Hassan, eyayilibeke ngo-2012.
IBanyana iwuqale kahle umdlalo ikhombisa ukuthi ifuna igoli elisheshayo ukuze yehlise ingcindezi. UKarabo Dhlamini ubegoba amabhola ayingozi ngakwesokunxele efuna ikhanda likaSeoposenwe ebhokisini kodwa agcine emshiyile.
Kwale kwancane ukuthi elinye lala mabhola liphelele enethini ngomzuzu ka-18, walibona unozinti kweBurkina Faso, uFaoziatou Ouedraogo, eliphebezela phezu kwepali.
Kuthe kungazelele muntu, izivakashi zathola ithuba eliyingqayizivele ngebhola elide ebelisuka emuva. ULimata Nikiema udlule kalula kuLonathemba Mhlongo, wazithola esebhekene noSwart ebhokisini, unozinti weBanyana walithatha ezinyaweni zakhe ibhola esethi uyakhahlela.
UNikiema uqhubekile nokuba yinkinga ezitobheni zakuleli ngenxa yamandla akhe, kuze kudingeke ukuthi bamhlanganyele oMhlongo benoFikile Magama.
UHildah Magaia, oshayele iBanyana igoli ebuye nalo e-Ivory Coast, ucishe waba yiqhawe futhi ngomzuzu ka-37 bebonana kahle noSeoposenwe ngaphandle kwebhokisi, ishodi lakhe lavinjwa ngunozinti.
U-Ouedraogo, okunguyena unozinti obematasatasa esiwombeni sokuqala, uphinde walitakula iqembu lakhe ngomzuzu ka-44, evimba ibhola ebelithunyelwe nguThembi Kgatlana.
Iqembu lakuleli libuye ekhefini noshintsho olulodwa, uMichael ungene endaweni kaMhlongo wayodlala ngakwesokudla, uRamalepe wahlehlela emuva.
Ukucindezela kweBanyana kuyisebenzele ithola iphenathi edalwe wukuthi uRasmata Sawadogo obambe ibhola ngesandla ebhokisini. UMotlhalo uyinamathisele enethini.
Ukungena kukaMichael kwenze iBanyana yakwazi ukuhlasela kuzona zombili izinhlangothi.
Cishe zehla izihlathi kubalandeli beBanyana ngomzuzu ka-80, ngesikhathi uYasso Konate obeqhamuka ebhentshini, edlubulundela ngakwesokunxele ebhokisini, kwasebenza uSwart, evimba ibhola lakhe eliyingozi ngezinyawo.
Amaphaphu ehlile ngemuva kwemizuzu eyisithupha ngesikhathi uMichael eshaya igoli elivule igebe lokuphefumula kulandela ingcwenga yephasi ebiqhamuka kuKholosa Biyana, naye ongene esiwombeni sesibili, kwaphela kanjalo ngeBurkina Faso.
Iqembu lika-Ellis selizobuyela enkundleni ngoFebhuwari, kweyokuhlungela ama-Olympic lapho lizogadulisana neTanzania.