UNOZINTI weBanyana Banyana, u-Andile Dlamini, ufuna iqembu lenze kahle emlenzeni wokuqala emdlalweni wokuhlungela i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) neBurkina Faso ukuze lingabi nomsebenzi omningi uma selidlala ekhaya.
IBanyana izobhekana neBurkina Faso eStade Charles Konan Banny edolobheni iYamoussoukro, e-Ivory Coast, ngo-6 kusihlwa. Umlenze wesibili uzodlalelwa eLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville ngoMsombuluko (ozayo) ngo-3 ntambama.
Umdlalo wanamuhla uthathwa njengowasekhaya weBurkina Faso, yize uzodlalelwa e-Ivory Coast, ngenxa yokuthi leli lizwe alinazo izinkundla ezifanele ukusingatha lo mdlalo.
IBanyana, engompetha beWafcon ngemuva kokunqoba isicoco eMorocco nyakenye, ibingelinye lamaqembu akleliswe phezulu obekungadingeki ukuba adlale emzuliswaneni wokuqala kweyokuhlunga.
IBurkina Faso idlule kwi-Eswatini, eyibhaxabule ngo 6-2 uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Kusenzeke kanye kwi-Wafcon ukuthi ompetha bahluleke ukungena emqhudelwaneni olandelayo. Kwenzeka ngesikhathi ompetha bango-2012, i-Equatorial Guinea, behluleka ukuzibekisela indawo kolandaleayo owawuseNamibia ngo-2014.
“Ngicabanga ukuthi sisendaweni efanele ngokomqondo ngoba sifuna ukungena kwi-Wafcon. Singompetha futhi ngikholwa ukuthi kufanele siwunqobe lo mdlalo ukuze sibuyele ekhaya singaphezulu. Asifuni ukuba ngaphansi kwengcindezi uma sesidlala ekhaya,” kusho uDlamini ethimbeni leSafa labezindaba.
“Sifuna ukufike sidlalele abalandeli ngoba kuzobe kuwumdlalo wethu wokugcina kulo nyaka. Sifuna bajabule futhi baziqhenye ngathi. Kubaluleke kakhulu ukuthi singazibukeli phansi izimbangi zethu. Kufanele siqinisekise ukuthi senza konke okusemandleni ethu ukuthi sithole umphumela ozosijabulisa.”
UDlamini usanda kudlala e-Ivory Coast neqembu lakhe iMamelodi Sundowns ngesikhathi linqoba isicoco seCaf Women’s Champions League okwesibili kuyona le nyanga. Lo mqhudelwano wamaqembu ubudlalelwa edolobheni iKorhogo elisenyakatho ne-Ivory Coast, kanti iYamoussoukro, lapho bezodlala khona kusihlwa, imaphakathi.
“Leli yizwe engilaziyo ngoba siyidlalele khona iChampions League. Ngibhekene nomsebenzi ohlukile manje njengoba ngidlalela iqembu lesizwe kweyokuhlungela i-Afcon,” usho kanje.