LISETHUBENI lokuvula igebe kusesekuseni kuGroup C, kweyamaqoqo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, iqembu lakuleli lebhola labesilisa kulandela ukulahla amaphuzu kwamaqembu aqhathwe nawo kuleli qoqo.
Iqembu likaHugo Broos livule kahle liguqisa iBenin ngo 2-1 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngempelasonto edlule. Lizobe libheke ukufinyelela kwayisithupha uma selidlala neRwanda eHuye Stadium ngoLwesibili ngo-3 ntambama.
Umphumela wangempelasonto ubeke iBafana esicongweni kwazise iNigeria neLesotho bebedlale ngokulingana ngo 1-1 ngesonto eledlule, iRwanda neZimbabwe babambana ngo 0-0.
Kuphinde kwayikhanyela ngesikhathi iSuper Eagles neWarriors belahla amaphuzu, bebambana ngo 1-1 ngeSonto.
INdebe yoMhlaba ka-2026 ezoba se-United States, Canada naseMexico izoba ngeyokuqala ukuba namaqembu angu-48, esuka kwangu-32 kwekade ibanjelwe Qatar nyakenye.
Ngenxa yalokhu, isibalo samaqembu ase-Afrika azodlala kulo mqhudelwano sinyusiwe sisuka kwamahlanu saya kwayisishiyagalolunye.
Azoqhwakela eqoqweni ngalinye azozibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba bese amane azolala isibili ngamaphuzu angcono, adlulele komunye umzuliswano wokuhlunga lapho ezobhekana namaqembu akwamanye amazwekazi.
Umqeqeshi uBroos uthe ukudlala lo mdlalo endaweni eqhelile nabafikele kuyona kuzoba nzima kodwa kuzomele baqine. Lo mqeqeshi ukhathazekile nangokudlala eHuye Stadium okuyinkundla enotshani bokwenziwa. IBafana kuyithathe amahora amathathu ukufika edolobheni okuzodlalelwa kulona sekusukwa esikhumulweni sezindiza.
“Bekungelona uhambo olulula, njengenjwayelo e-Afrika futhi bengizibuza ukuthi kungani kumele sidlalele lapha eButare. Ngaphandle kokuthatha indiza eya eKigali kubuye kwadingeka ukuthi sihambe isikhathi eside ngebhasi. Angisiboni isidingo sokuthi sizodlaliswa lapha,” ukhale kanje ekhuluma nabezindaba beSafa izolo.
“Okwesibili, ngesikhathi ngibona izithombe zomdlalo obuphakathi kweRwanda neZimbabwe ngibone inkundla embi. Sekuyisikhathi sokuthi iCaf neFifa baqinise imithetho mayelana nezindawo nezinkundla okudlalelwa kuzona.
“Ayikho inkinga ngotshani bokwenziwa, sidlale enkundleni enjalo eLiberia kodwa yona ibisesimeni esihle. Lena indala futhi iqinile, kucishe kube sengathi udlala emgwaqeni. Ibhola lishona ezindaweni ezahlukene ngakho kunzima kakhulu ukudlala ibhola elihle.”
Ngenxa yalezi zimo nokubaluleka kokuthola amaphuzu aphelele kulo mdlalo, uBroos uthe akabhekile ukuthi ezakhe zidlale ingcwenga yebhola, inqobo nje uma zibuya namaphuzu agcwele.
“Sizodinga amaqhawe angu-11 enkundleni, akumele sicabange ngebhola elihle. Kufanele sizitshele ukuthi sizolwa. Sizobona ukuthi yibaphi abadlali abakulungele ukwenza lokho. Sisazoqapha nesimo sabadlali abathintekile emdlalweni odlule njengoMothobi Mvala, Aubrey Modiba no-Evidence Makgopa,” usho kanje.
“Ngiyalethemba iqembu esinalo. Izinga lokuzethemba selikhulile eminyakeni embalwa edlule. Ekuqaleni sike sabashintshashintsha abadlali kodwa emakhempini akamuva sekunobuso obufanayo. Lokho kusho ukuthi sengilitholile iqembu lami.”
ILesotho neBenin bazolwela amaphuzu amathathu eMoses Mabhida Stadium namuhla ngo-3 ntambama.