Mali (0) 2
Bafana Bafana (0) 0
IBAFANA Bafana iphoxile ngesikhathi ithola induku emdlalweni wayo wokuqala ka-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon) neMali ngoLwesibili e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast.
Igoli lokuqala lomdlalo lishaywe, uHamari Traore esiwombeni sesibili, kade kuyi-freekick eshiye izitobha zeBafana zibukana elesibili lashaywa, uLassine Sinayoko.
IMali iqale ngomfutho obulindelekile kwazise inkundla ibigcwele ithe phama abalandeli bayo obekudalwa ukusondelana kweKorhogo, ese-Ivory Coast nomngcele waleli zwe ebelibhekene neBafana.
Nakuba imizuzu yokuqala engu-10 ibinezimpawu zokuthi iMali iyona engcono ngokomdlalo kodwa abukho ubungozi ebukhombise ngalesi sikhathi futhi akukho lapho iBafana ibibukeka khona sengathi ithwele kanzima.
Ngokuhamba kwesikhathi iqembu, likaHugo Broos, liqalile lakhombisa ukufudumala selakha iminyakazo ethembisayo uma lihlasela.
Lokhu kuze kwanika nethuba lokuthi isethenjwa seBafana, uTau ashayele ipali.
Ngokuhamba kwesikhathi kwezinye iziwombe zokuhlasela kweBafana, unondweba usebenzise i-VAR ukuze abone ukuthi kube nesandla semfene ngesikhathi umdlali weMali edlalisa kabi, umgadli welakuleli, u-Evidence Makgopa ebhokisini, wase ebeke iphenathi.
Leli thuba lokubeka iBafana phambili lithathwe uTau kodwa wakhetha ukwakha ngayo amabhilidi umdlalo unemizuzu engu-19 uqalile.
Kube sengathi iyabavusa le phenathi abeMali ngoba uthe angayishweba uTau ibhola labuyela ezitheni ebese zizama ukuhlasela ngamandla.
Yize kunjalo iqembu likaBroos belisakwazi ukuya phambili njengoba ngomzuzu ka-34, uTau uthole ithuba lokulungisa iphutha kodwa wakhetha ukuzishayela yize ubemi kahle futhi engamakiwe, uMakgopa.
Ukuzama ukuqala ibhola emuva kucishe kwenza iBafana yazithola isilandela ngemuva kwazise iphutha, likaSiyanda Xulu, elivele ngokulahleka kwebhola licishe ladala umonakalo, kwasiza unozinti welakuleli, uRonwen Williams.
Esiwombeni sesibili iBafana izithole isikukhalela ukumosha amathuba njengoba uTraore eze negoli lokuqala lezimbangi.
Kudlule imizuzu eyisithupha uSinayoko wacwilisa emafutheni izinhliziyo zabadlali nabo bonke abalandela iBafana ngegoli lesibili.
Yize uBroos ezamile ukufaka uZakhele Lepasa noMihlali Mayambela kodwa umonakalo ubuvele wenzekile.
Umdlalo olandelayo ungeSonto ngo-10 ebusuku, lapho iBafana izobhekana neNamibia enamaphuzu amathathu kulandela ukunqoba iTunisia ngo 1-0 komunye umdlalo waleli qoqo.
Elakuleli belingene enkundleni umlando walo ungemuhle kusukela nge-Afcon yango-2004, okuyilapho eyagcina ukunqoba khona umdlalo wokuvula. Yayihlula iBenin ngo 2-0.