Bafana Bafana (3) 4
Namibia (0) 0
IBAFANA Bafana iwuqede esiwombeni sokuqala umsebenzi ngesikhathi ilobola iNamibia emdlalweni ka-Group E we-Africa Cup of Nations (Afcon), ngeSonto ebusuku e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast.
Inkundla ivulwe, uPercy Tau, okhombise ubudoda ngokuthatha iphenathi edaleke emuva kokuthi uRiaan Hanamub ebambe ibhola ngesandla ebhokisini exinwe nguThapelo Morena, ngomzuzu ka-14.
UTau ushaya iphenathi nje, wakhe amabhilidi ngetholwe yiBafana koweMali, elakuleli laguqa ngo 2-0 ngeledlule.
Igoli lesibili nelesithathu abeyibeka ebuhleni iBafana avelelwe enethini nguThemba “Mshishi” Zwane maphakathi nangasekugcineni kwesiwombe sokuqala. Elesine lishaywe, uThapelo Maseko obesanda kungena kwesesibili.
Bekungaqali ukuthi iBafana ibhekane neNamibia kowamaqoqo e-Afcon kwazise iNingizmu Afrika ifike kulo mdlalo nerekhodi lokuqoqa amaphuzu agcwele ngo-2008 nango-2019 ngokwahlukana.
Ukuwina kweBafana kwiNamibia kuyenyusele endaweni yesibili ku-Group E ngamaphuzu amathathu emuva kwemidlalo emibili. Eqhulwini kuhlezi iMali ngamaphuzu amane emidlalweni emibili. INamibia isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu.IMorocco isemsileni ngephuzu elicoshe kwiMali. Lokhu kusho ukuthi iBafana idinga ukuthola okungenani iphuzu emdlalweni wokugcina neTunisia ngoLwesithathu ukuze izodlulela ku-Last 16 we-Afcon. Kungenzeka lokhu uma iqede endaweni yesibili noma ingene emaqenjini amane azoqeda kangcono kuwona wonke amaqoqo.
Ekundleni, njengoba bekulindelekile, ziphuthumane zisuka kwazise abadlali banhlangothi zombili bazana ukusuka nokuhlala njengoba abanye bedlala ndawonye kanti abanye babhekana masonto wonke kwi-Premier Soccer League (PSL).
Kungalindelekile, iBafana ithole iphenathi eyinikwe i-VAR ethathwe, uTau wayubeka enethini okwenze, ezikaHugo Broos, zaphefumula kangcono. Nakuba iBafana ibihamba phambili kodwa bekuyiNamibia ebukeka ingcono uma isebholeni futhi iyona ebiyakha amathuba angcono okushaya igoli.
Kuqhamuke uZwane negoli lesibili leBafana ngomzuzu ka-25 kulandela umdlalo omuhle kaMorena obuqhamuka ngasophondweni lwesokudla. Bekumele ashayele iBafana igoli lesithathu, uSiphephelo Sithole, oyeke ithuba engamakwe muntu ngomzuzu ka-35 kukade kuyikhona. UZwane uyiphefumulise kangcono iNingizimu Afrika eshaya elakhe lesibili losuku ngomzuzu ka-40.
Esiwombeni sesibili bese kuyiNamibia ephoqelekile ukuhlasela kwazise ibidinga amagoli. Nokho kugcine kuyiBafana ethole igoli lesine elibekwe enethini nguMaseko ngomzuzu ka-75.