ISILOMO seBafana Bafana, uPercy Tau, sikholwa ukuthi kusenamanye amagiya leli qembu lesizwe elisengawafaka ukuze lizodlala into ebonakalayo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ezokuba se-Ivory Coast, ngoJanuwari, wonyaka ozayo.
UTau osefomini emangalisayo kulezi zinsuku, ukusho lokhu emuva komdlalo ka-Group K weyokuhlungela i-Afcon onqotshwe iBafana ngo 2-1 kwiMorocco ngoMgqibelo, e-FNB Stadium, eSoweto.
Lo mgadli we-Al Ahly yase-Egypt asanda kudla nayo isicoco seCaf Champions League, ungomunye wabadlali abebegqamile iBafana inqoba ngomkhonto ogwaze ekhaya kanozinti weMorocco, uMunir Mohamedi. Leli goli abanye bangalinika uTau njengoba belishaywe uyena walibhekisa ebhokisini, uMohamedi wanqaka izimpukane, wagcina elilanda enethini.
Igoli lesibili leBafana livalelwe uZakhele Lepasa esiwombeni sesibili, ojabule “wandizisa” kwenkakha yomqeqeshi uClive Barker, ofihlwe ngesonto eledlule. UBarker nguyena kuphela umqeqeshi oseke wanqoba isicoco se-Afcon neBafana, abakwenza ngo-1996.
UHakim Zeyach weChelsea yase-England, uyena oshayele iMorocco igoli. IMorocco iyona ezihola phambili ngokukleliswa kwamaqembu e-Afrika.
Bekungokokuqala iBafana inqoba kwiMorocco eminyakeni engu-21 okuyiyona futhi imbangela yokuthi uTau abone elakuleli lisengasabhukula yize kubukeka sengathi lidlale kahle kowe-Atlas Lions.
“Umphumela esiwuthole kwiMorocco ukhomba ukuthi siyakhula njengeqembu nezinto ebesilokhu sizizama eminyakeni edlule, seziya ngokuya ziyahlangana,” kusho uTau kwiSuperSport emuva komdlalo.
“Asinalo ithuba lokwehlisa izinga emuva kwalo mphumela ngakho-ke siphoqelekile ukuthi sikhule. Angingabazi nokho ukuthi asekhona amanye amagiya esisengawafaka ukuze sizoqinisekisa ukuthi kwi-Afcon, sifika siyiBafana ezokwenza abalandeli bethu baziqhenye ngayo.
“Lokhu kukhombisa nabalandeli bethu ukuthi sinaso isipiliyoni sokumelana nabadlali abadlalela amaqembu athathwa njengamakhulu emhlabeni okuyinto edingekayo uma uya emqhudelwaneni ofana ne-Afcon,” kuqhuba uTau.
IMorocco ifike kulo mdlalo inesithunzi kwazise ngonyaka odlule koweNdebe yoMhlaba eQatar, inqobe kumazwe ahlanganisa iBelgium, Spain nePortugal, endleleni yayo ebibheke ekuqedeni endaweni yesine kulo mqhudelwano onqotshwe i-Argentina.
UTau uthe ukuzethemba okuhambisana nokuqhela kwezinkinga zokulimala kube nomthelela ekutheni alihole ngale ndlela alihole ngayo iqembu.
“Ngijabulela ukuba ingxenye yabaholi beqembu futhi ngoba uma ngibheka emuva kunezikhathi lapho bengingazitsheli khona ukuthi ngizobe ngikwiBafana ngalesi sikhathi.
“Indlela abebephume ngayo abalandeli bethu ibe nowayo umthelela. Kumnandi ukuba wumqemane ngokugcwele njengawo wonke umuntu. Kuyakhuthaza futhi ngoba ngiyazizwa ukuthi ngisengafaka elinye igiya ngikhule njengomdlali okuyinto ezokapakela nakwabanye abadlali kwiBafana,” kuphetha uTau.