Bafana Bafana (3) 5
Congo Brazzavile (0) 0
IBAFANA Bafana ikhombise izimpawu zokungasinisi mahleza ngezinhloso zayo zokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025 eMorocco, inenebula iCongo Brazzaville emdlalweni kaGroup K wokuhlunga eNelson Mandela Stadium, eGqeberha, izolo ebusuku.
Amagoli enqobe ngawo iBafana kulo mdlalo avalelwe phakathi kuTeboho Mokoena oshaye amabili noBathusi Aubaas ngesiwombe sokuqala. Amanye ashaywe nguLyle Forster no-Iqraam Rayners esiwombeni sesibili.
Okuqaphelekile esikimini seBafana esiqale umdlalo ukubuya ezintini kukanozinti wokuqina uRonwen Williams ongabanga khona emidlalweni emibili edlalwe ne-Uganda neSouth Sudan.
IBafana isheshe yacacisa ukuthi izosebenza, ikhombisa ukucindezela zibekwa. Ngomzuzu ka-13, uMokoena ungqomfela phakathi igoli kade kuyi-corner kick ebishaywe ngu-Oswin Appolis.
Waphinda futhi uMokoena wavalela elesibili ngomzuzu ka-28 eqhululula intululwane yeshodi ekade ebekelwe nguye futhi u-Appolis obevutha kulo mdlalo. U-Appolis uphinde waba nesandla kwelesithathu futhi eshaya i-corner ehlangane nekhanda lika-Aubaas okwenze zaya ekhefini iBafana ihamba phambili ngo 3-0.
Kwesesibili, iBafana iqhubeke lapho ebigcine khona ngesiwombe sokuqala, yize ibingahlohla amaningi amagoli kunalawa ewashayile ngenxa yokuntenga kodonga lwasemuva lweCongo nobuthaka bukanozinti wayo uChristoffer Mafoumbi. Nokho ikwazile ukuthola amabili ngonyawo lukaForster ngomzuzu ka-51 zisanda kubuya ekhefini noRayners ngoka-78 obesanda kungena esuka ebhentshini.
Ukunqoba kweBafana kulo mdlal kuyibeke emaphuzwini ayisikhombisa emidlalweni emithathu esadlaliwe yokuhlungela i-Afcon. Lokhu kusho ukuthi isidinga ukunqoba umdlalo wayo womlenze wesibili nayo iCongo, eStade Alphonse Massamba-Debat, eBrazzavile, ngoLwesibili, ngo-6 ntambama, ukuqinisekisa indawo yayo ebheke kwi-Afcon ka-2025 eMorocco.
Njengamanje ihlezi phezulu kuGroup K yize ilingana ne-Uganda esendaweni yesibili ngamaphuzu alinganayo ngemuva kokushaya iSouth Sudan ngo 1-0 khona izolo, ngenxa yomehluko wamagoli.