UMMELI weRoyal AM, uLeruma Thobejane, uthi balinde umbiko wenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa. Umbiko umayelana nesinqumo esikhishwe yiFifa odabeni oluphakathi kweqembu nowayengumgadli walo, uSamir Nurkovic.
Lo mgadli odabuka eSerbia, ungomunye wabadlali abane abasha abamenyezelwa yiThwihli Thwahla ngoJulayi nyakenye, ehambisana no-Andre De Jong, Ruzaigh Gamildien noKhethukuthula Ndlovu.
Akazange adlale nowodwa umdlalo osemthethweni eqenjini. Wabonakala kwiMacufe Cup kuphela ngoSepthemba, ngesikhathi benqoba iqembu lakhe lakudala iKaizer Chiefs, ngamaphenathi.
Kuthe kusadlule isikhashana, iRoyal AM yakhetha ukuyinqamula inkontileka yakhe. Lokho kwaholela ekutheni abammeli bakhe baludlulisele kwiFifa udaba. Ngokwemibiko, isinqumo senhlangano sangoMeyi, sivune uNurkovic. IFifa yayalela iRoyal Am ukuba imkhokhele uR12 million.
Ekhuluma emsakazweni ohlelweni iMarawa Sports Worldwide ngoLwesibili ebusuku, uThobejane uthe basitholile isaziso ngesinqumo esathathwa yiFifa ngasekupheleni kukaMeyi. Babe sebecela umbiko ogcwele ohambisana nezizathu, abangakawutholi kuze kube yimanje.
“Isinqumo seFifa senziwa ngoMeyi 3, okuwusuku oluqoshwe encwadini ngokomthetho. Okuxakayo wukuthi thina saze saziswa ngoMeyi 22,” kusho uThobejane.
“Noma kunjalo, sinelungelo lokucela umbiko ogcwele ohambisana nezizathu eziholele ekutheni kuthathwe isinqumo zingakapheli izinsuku eziyishumi. Sakwenza lokho kusaphele izinsuku ezimbili noma ezintathu kodwa asikatholi lutho.
“Kuyaxaka ukuthi kuzothatha isikhathi eside ukuthi iFifa iphendule futhi isithumelele nezizathu zokuthi bafinyelela kanjani esinqumweni abasiphothulile ngoMeyi.
“Uma sithola lowo mbiko kwiFifa yilapho sizokwazi khona ukubheka ukuthi yiliphi igxathu elilandelayo esingalithatha.”
UThobejane ubuye waqinisekisa ukuthi bayitholile incwadi evela kummeli kaNurkovic, uDavor Lazic, lapho ebabekele khona uLwesithathu, uJuni 21, njengomnqamulajuqu wokukhokha.
Uma kwenzeka kutholakala ukuthi iRoyal AM isishaye indiva isinqumo seFifa, ingase ijeziswe ngezinye izindlela ezifana nokungavunyelwa ukubhalisa abadlali abasha.
Nokho uThobejane ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke kwenzeke lokho ngoba iFifa isahluleka ukubanika abakucelile.
“Ngizomphendula ummeli futhi impendulo icacile. Sisalinde umbiko weFifa,” kuqhuba uThobejane.
“Asikaphelelwa yiikhathi ngoba kufanele sibone ukuthi isigungu seFifa sifinyelele kanjani esinqumeni esisithathile ngaphambi kokuthi sithathe igxathu elilandelayo.
“Lokhu kungathatha izinyanga. Indaba yokuthi kungenzeka iRoyal AM ingakwazi ukubhalisa abadlali yinto engeke yenzeke manje,” uphethe kanje.