KUBUKEKA isazoqhubeka nokuhlomula koweNdebe yoMhlaba i-Orlando Pirates ngonozinti wayo uRichard Ofori obekunovalo lokuthi uzophuthelwa yilo mqhudelwano ngenxa yokulimala.
U-Ofori waseGhana uphume eselimele ngesikhathi eZimnyama zibhekene naMaZulu emdlalweni weDStv Premiership ngesonto eledlule. Indawo yakhe ithathwe nguSiyabonga Mpontshane. Bekubanjwe umoya ngokulimala kuka-Ofori kwazise lokhu bekumbeka engcupheni yokusala ngaphandle eqenjini lesizwe laseGhana, elizoyibamba koweNdebe yoMhlaba eQatar, ezoqala ngoNovemba 20.
Ukuphuthelwa kwakhe yilo mqhudelwano bekuzoholela ekutheni iPirates ingayitholi imali evela kwiFifa edluliselwa emaqenjini abadlali abadlala koweNdebe yoMhlaba. Ngesonto eledlule, iFifa ikuqinisekisile ukuthi amaqembu azohlomula ngoR183 000 (ngokwemali yakuleli) ngosuku umdlali aluchitha koweNdebe yoMhlaba.
Lokhu kuzoqala amazwe esalungiselela lo mqhudelwano. Uma u-Ofori egcina eqokiwe esikwatini seGhana, iPirates izohlomula ngoR3.5 million emuva kwemidlalo emithathu yesigaba samaqoqo. Le mali izokwenyuka uma iGhana iqhubekela phambili.
U-Ofori, okwamanje okubukeka kunguyena kuphela umdlali weDStv Premiership ozoya eQatar, uthe uzobuyela enkundleni emasontweni azayo.
"Ngishayeke edolweni kancane kodwa okwamanje konke kuhamba kahle. Kuyaphola. Sengiqalile ukuzivocavoca ejimini. Nginethemba lokuthi konke kuzohamba kahle. Ngizobe sengeluleme ngesikhathi seNdebe yoMhlaba. Ngizobe ngiphakathi. Ngiyile ukuyohlolwa kwi-Xray. Kuvele ukuthi yinto encane nje. Akukho ukudabuka okukhona. Odokotela bayanginakekela ukuze ngilulame ngokushesha," kusho u-Ofori izolo.
KoweNdebe yoMhlaba, iGhana ikleliswe kuGroup H ne-Uruguay, Portugal neSouth Korea. Izolo ngaphambi kokuthi iPirates igadulisane neLamontville Golden Arrows koweligi, ePrincess Magogo Stadium, u-Ofori ubekubadlali beZimnyama abanikwe ithuba lokuhlangana nabalandeli esitolo eStudio88 , ku-Anton Lembede, eThekwini. Umcimbi kade uhlelwe ngabaxhasi bePirates i-Adidas.
EZimnyama azikabajabulisi abalandeli bazo kule sizini kwazise ziphikwa yimiphumela phezu kokuba zingelinye lamaqembu okubhekwe ukuthi aqede ukukhonya kweMamelodi Sundowns.
"Kufanele siqale siziphosele inselelo thina ngoba uma sesinyuse izinga sizokwazi ukungena embangweni. Yilokho esikwenzayo. Sonke sidlala kwiligi lapho wonke amaqembu efuna khona ukuwina. Okubalulekile wukuthi sikulungele yini ukufika lapho? Sikulungele lokho futhi sidlala kahle. Inkinga wukuthi asitholi imiphumela esiyidingayo. Kodwa sidlala kahle siyiqembu futhi sibheke ukuwina eminye imidlalo," kusho u-Ofori.