UMDLALO weKaizer Chiefs weBetway Premiership neCape Town City ufike nezindaba ezihlabahlosile kubalandeli baleli qembu kulandela ukululama ngokugcwele kwesilomo, u-Edson Castillo, abalokhu bagcina ukusibona ngonyaka odlule silihlikihla enkundleni.
Sekuzoya ngokuthi lo mdlali waseVenezuela owaphuka ngoNovemba nyakenye ukhona yini ezinhlelweni zikaNasreddine Nabi zalo mdlalo ozoba kusasa ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.
Umdlalo ufike ngesikhathi iChiefs ihambela phezulu kulandela ukuzibekisela kwayo indawo kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngokunqoba ngo 3-1 kwiStellenbosch FC ngempelasonto edlule.
Ngaphambi kwale wini namanje okusakhulunywa ngayo ngenxa yezinqumo zikanondweba ezishiye uSteve Barker weStellies efuthelana, iChiefs inqobe ngo 1-0 kwiMagesi FC okuyinika ithuba lokuqhubeka nokuqoqa amathuba ayenza ingaqheli kwi-Top 8.
Nakuba iChiefs ikhombisa izimpawu zokuhluleka ukubamba umgqigqo kule sizini kodwa ukuqinisekisa kukaNabi ukubuya kukaCastillo kungase kube wumjovo leli qembu ebeliwudinga.
Emidlalweni yeligi emihlanu edlule, ezikaNabi zisaphumelele ukunqoba emibili, zashaywa kweminye emibili. Zibambelele endaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni yeligi engu-20.
Ngaphandle kukaCastillo, uNabi uqinisekise nokuthi oSamkelo Zwane, Rushwin Dortley noHappy Mashiane ngeke badlale kowamaCitizens kepha kungase kubonakale uSibongiseni Mthethwa noWandile Duba nabo abebengadlali ngenxa yokulimala kweyakamuva.
Kusabanjwe umoya ngoGlody Lilepo okuthiwa ukhale ngokuzwa ubuhlungu ethangeni kodwa uzakwabo uTashreeq Morris yena usazohlala izinyanga engalithinti ibhola ngokusho kukaNabi.
“Noma engekho fithi ngokwanele kodwa uCastillo (Edson) usebuye ngokugcwele eqenjini okuyinto efanayo nakuWandile (Duba) noSibongiseni (Mthethwa) engicabanga ukuthi bonke bayawudinga umuzwa wokuba senkundleni,” kusho uNabi kwabezindaba ngoMsombuluko eNaturena.
“Nakuba ngingafuni ukukhuphula kakhulu ithemba ngabanye kodwa basazohlolisiswa kahle oRushwin (Dortley), Glody (Lilepo). UTashreeq (Morris) kungase kumthathe izinyanga ezinhlanu ukuthi abuyele enkundleni.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukubhekana eKapa, iChiefs ikhale ngaphansi ngo 1-0. Lokhu kwenza lo mdlalo wakusasa ube nomuzwa wokuba ngomamagqubu kwazise Amakhosi asedlalela esibayeni sawo kulokhu. UNabi uzoyibamba ebhentshini ngaphandle kwelinye lamaphini akhe uKhalil Ben Youseff odonsa isigwebo samakhadi. Ngaphezu kwalokho, uzophoqeka ukubuyisa unozinti uFiacre Ntwari ebhentshini kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukaBrandon Petersen ngesikhathi Amakhosi ebhekene neStellies ngempelasonto.
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla
Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Lucas Moripe Stadium, 7.30pm); Stellenbosch v Orlando Pirates (Athlone Stadium, 7.30pm); TS Galaxy v SuperSport United (Mbombela Stadium, 7.30pm); Magesi v Richards Bay (Seshego Stadium, 7.30pm)
Kusasa
Kaizer Chiefs v Cape Town City (FNB Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Golden Arrows (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm); Marumo Gallants v Sekhukhune United (Seisa Ramabodu Stadium, 7.30pm)