UTHEMBISA ukuthi bazokwenza konke okusemandleni uDavid Notoane njengoba belungiselela umdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nation (Afcon) ka-Under 23.
UNotoane oqeqesha leli qembu lesizwe ukhale ngesikhathi esincane sokwenza amalungiselelo njengoba bezobhekana neCongo kusasa.
Umdlalo useDobsonville Stadium ngo-3 ntambama ngaphambi kokuthi adlale umlenze wesibili eMassamba-Debat Stadium, eBrazzaville, ngoMsombuluko.
Iqembu elizonqoba ngemva kwemilenze emibili lizoba ngelinye layisishiyagalombili azodlala kwi-Afcon ezoba seMorocco ngoJuni.
Amaqembu amathathu azophuma phambili kwi-Afcon azomela i-Afrika kuma-Olympic eParis, eFrance, ngonyaka ozayo.
Iqembu likaNotoane lifinyelele kulesi sigaba ngokukhipha iTogo ngo-Okthoba nyakenye. Umdlalo owawuseLome waphela zibambene ngo 2-2 kanti owase-Orlando Stadium waphela ngo 0-0.
Iqembu lakuleli labe selidlulela esigabeni esilandelayo ngenxa yokuthi lashaya amagoli amabili ekuhambeni.
Iningi labadlali liqale ukuzilolonga ndawonye ngoMsombuluko kanti uKgaugelo Chauke ufike ngoLwesibili esuka e-England ngenxa yokubambezeleka kwezindiza.
“Sinabadlali abaningi abasha abafakwe kule khempu futhi iningi belidlala kule mpelasonto esiphuma kuyona. Siqale ngokuhlola ukuthi abadlali bakusiphi isimo ngokomzimba nokuhlanganisa amaqhinga ethu,” kusho uNotoane engxoxweni nethimba labezindaba leSafa.
“Sigculisekile ngendlela iqembu elibukeka ngayo futhi eliqonda ngayo esifuna ukukwenza kulo mdlalo. Ngumdlalo obaluleke kakhulu kithina futhi sifuna ukuwunqoba.
“Izinsuku zokuwulungiselela zincane kodwa yindlela izinhlelo zeqembu lesizwe ezihamba ngayo futhi kufanele sihambisane nazo. Sinabadlali abanamakhono ahlukene futhi kuzoba nzima ukukhetha isikwati esizodlala ngendlela esiwuhlelele ngayo lo mdlalo.”
Iqembu lakuleli laqeda endaweni yesithathu kwi-Afcon ka-Under 23 eyayise-Egypt ngo-2019, lazibekisela indawo kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021.
ETokyo laqeda emsileni eqoqweni lalo ngeqanda ngemva kokushaywa yiJapan ngo 1-0, iFrance ngo 4-3 neMexico ngo 3-0.