UCHAZWE njengomuntu obenamancoko, obehlale egcina isikhathi nobewuthanda umsebenzi wakhe, uSimphiwe "Dr Mnandi" Ignatius Mkhonza ofihlwe ngeSonto, emathuneni asePetersfield, ngemuva kwenkonzo ebiKwaTema Hall, Ekurhuleni, eGauteng.
UMkhonza odlale kwiBloemfontein Celtic, Kaizer Chiefs, Ria Stars, Lamontville Golden Arrows namanye, udlule emhlabeni ngoLwesibili olwedlule, ngemuva kokuxinwa yizinso.
Ushiye emhlabeni abazali bakhe, unina uMavis Motsile noyise uJoseph Mkhonza, naye owake wayidlalela iChiefs wabuye waqeqesha neqembu lesizwe labesifazane, iBanyana Banyana.
Ushiye nabethandana naye uNdumiso Masengani, izingane zabo nomfowabo. Udlule emhlabeni eneminyaka ewu-45.
Phakathi kwabebehambele umngcwabo kaSiphiwe odlule emhlabeni esengumhlaziyi kanobhutshizwayo kwaSABC, uDoctor Khumalo, Arthur Zwane, Mark Williams, Lucas Radebe, Ephraim Mashaba, Fabian McCarthy, Siphiwe Tshabalala, Jimmy Tau, umqeqeshi u-Ephraim Mashaba ukusho abambalwa.
UVina Maphosa okhulumela iKaizer Chiefs udlulise umyalezo kaKaizer Mataung ongusihlalo waleli qembu. Phambili ubephelezelwa yizinkakha zeChiefs.
"Ngizwakalisa ukuphatheka kabi ngokudlula emhlabeni kukaSiphiwe. Ngithi dudu emndenini wakhe. Umndeni wakwaMkhonza sisuka kude nawo. Besimthandazela ukuthi alulame. Lo mndeni ube nathi kwizizukulwane ezimbili. Kulungile ntate (baba) Sikheshekheshe. Impumelelo kaSiphiwe imenze isithandwa kubalandeli. Sibe nenhlanhla ngokumazi. Siwumndeni weKaizer Chiefs sithi hamba kahle Siphiwe, sithandazela ukuthi ulale ngokuthula," usifunde kanje uMaphosa isitatimende sikaMotaung.
UDoctor Khumalo obehlaziya noMkhonza ibhola kwaSABC nangadingi kuchazwa amagalelo akhe kwiChiefs nasebholeni lakuleli, usho into evele yahlekisa wonke umuntu.
"Ngesikhathi sizodlala ne-Iran ( iBafana Bafana) ngamfica endlini esasizolala kuyona sobabili. Ngathi kuye qoqa amasakana akho uphume, ubuye bese uphinda uyangqongqoza. Ngempela wakwenza lokho. Ubewumuntu obenomoya ophansi. Ubelithanda ibhola, ubelazi," uchaze kanje uKhumalo.
URia Ledwaba owayengusihlalo weRia Stars, ubonge uyise kaSiphiwe, uSkheshekheshe, ngokwenza isiqiniseko sokuthi indodana yakhe ifake isandla ebholeni lakuleli.
"Kungaba iphutha elikhulu ukungambongi ubaba uMkhonza. Sijwayele ukwenza iphutha lokuncoma lowo muntu owenza kahle bese sikhohlwa lowo omkhulisile. Namhlanje ibhola labesifazane kuleli liyakhula. Unesandla baba uMkhonza kule mpumelelo. Kubuhlungu ukuthi yimi okhuluma kwinkonzo kaSiphiwe. Bengizitshela ukuthi wuye uzokhuluma kweyami. Besazana kahle nale nsizwa elele lapha.“
USizwe Tshabalala obengumngani kaSiphiwe uhluleke wukuzibamba, kwehla izinyembezi echaza ngebanga abalihambe nomufi.