AKENEME uSihlalo weSwayimane United uNkosikhona ‘Mido’ Nene, ngakubiza ngokuthi ‘ukudlelwa’ iqembu lakhe elidlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League.
Ngokusho kukaNene iqembu lakhe lidliwe wuMasipala waseMshwathi, neMshwathi Local Football Association.
Phambilini wake waveza ukuthi amandla okuphatha iqembu angaphezu kwakhe ngoba lakhuphukela esigabeni seMotsepe League. Wabuye wakuhoxisa ukulifaka endalini ngoba ethi ucabangela umphakathi wakwaSwayimane.
Ekhuluma neSolezwe, uthe iqembu lithathwe ngaphandle kwemvume yakhe.
Uthe ubone sekubanjwa imihlangano ngasese yena engasabizwa. Uthe usola ukuthi kwase kukhandwa itulo lokumkhipha eqenjini. Ubesho lokhu esola uMasipala waseMshwathi naboMshwathi LFA.
“Indlela engabona ngayo ukuthi bafuna ukungichitha. Lokhu bakususela enkulumweni yami ngesikhathi ngithi amandla okuphatha iqembu ngeke ngisaba nawo ngenxa yezindleko. Ngatshelwa nokuthi sebefuna amasheya eqembu. Kwangicasula kakhulu lokhu,” kusho uNene.
Uqhube wathi kube sekusungulwa iqembu uMshwathi United eligcine selithatha isitifiketi seqembu lakhe iSwayimane.
“Ngibe sengingena kwi-website yeSafa ukubheka ukuthi ngabe iqembu lisengaphansi kwegama lami yini. Ngashaqeka uma ngithola ukuthi seliphethwe umengameli woMshwathi LFA. Ngibe sengibhalela umengameli weKZN Safa, uKwenzakwakhe Ngwenya ngifuna incazelo. Bangibizela emhlanganweni, abangazisa kuwo ukuthi ngeke lisashintsha igama,” ubeke kanje.
IMeya yaseMshwathi, uMandla Zondi, ithe kuyabathusa okushiwo nguNene.
“Kumele asicacisele ukuthi uchaza ukuthini uma ethi umasipala umdlele iqembu nokuthi ungena kuphi kulolu daba. Sisazohlala phansi sibhunge ngalezi zinsolo. Uma isidingo sikhona sizolibhekisa enkantolo,” kusho uZondi.
Uqhube wathi: “UNene owazisholo yena ukuthi ngelinye ilanga uyafisa ukuthi iqembu libizwe ngoMshwathi United. Wathi uma libizwa ngeSwayimane kuba sengathi elendawo eyodwa kuphela.”
UNgwenya weSafa, uthe basithola isicelo sokushintshela egameni uMshwathi United.
“Kwaba sekuba nokumangalelana kulezi zinhlangothi. Udaba lwaya kwi-Dispute Resolution Chamber (DRC), kwaphuma isinqumo esivuna ukushintshwa kwegama. UNene wehluleka ukwamukela isinqumo. Ngomthetho weSafa, uma ungagculisekanga ngesinqumo, unelungelo lokusidlulisela phambili engakapheli amahora angu-72. Yena wehluleka ukwenza lokho,” kuchaza uNgwenya.