KUVELA ukuthi iRichards Bay neLamontville Golden Arrows bagaqele uGabadinho Mhango owazakhela igama kwi-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi iBay ihamba phambili kumaqembu afuna ukusayinisa lo mgadli waseMalawi.
Kuvela ukuthi seyike yaxhumana amahlandla nezikhulu zeMoroka Swallows adlala kuyo.
Kuthiwa uSifiso "Jomo" Biyela ongusihlalo weNatal Rich Boys ukholelwa ekutheni uMhango angaba isixazululo senkinga yamagoli.
Kunemibiko ethi isitifiketi seSwallows sokudlala kwiDStv Premiership sesithengwe u-Abram Sello ongusihlalo weMarumo Gallants egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Akucaci ukuthi ngabe uSello uthenge nabadlali. Inkontileka kaMhango neSwallows iphela ngoJuni ngonyaka ozayo.
"UBiyela umatasa nokuthungatha abadlali bezinga eliphezulu. Akafuni kubaphinde okwangesizini edlule. UMhango ukulolu luhlu lwabadlali. Okungacaci ukuthi isimo sakhe simi kanjani njengoba kunamahebezi athi iSwallows iyadayiswa," kubeka umthombo.
IBay isindise igunya layo lokudlala kwiDStv Premiership ngokunqoba imidlalo yokuhlunga ngesonto eledlule, ihlula amaqembu akwiMotsepe Foundation Championship, iBaroka FC ne-University of Pretoria.
UBiyela ethintwa, uthe: "Okwamanje angikho esimeni esihle sokuphawula ngabadlali abazosijoyina. Simatasa kakhulu, sibheka esizoqinisa ngabo isikwati sethu."
Ngesizini edlule uMhango owayedlala kwiPirates ngesizini ka-2022/23, ushayele iSwallows amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni ewu-28 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano. Uke wadlala nakuMaZulu FC.
Kubagadli iBay igabe ngoSomila Ntsundwana oshaye amagoli amahlanu kwedlule noYonela Mbuthuma onamathisele enethini amathathu. Kukhona noJustice Figuareido waseSwatini oshaye amane noKhuda Muyaba oshaye elilodwa.
Kukhona noKatlego Makateng. Isolezwe lihoshe nokuthi ne-Arrows ake adlala kuyona, seyike yamthinta siqu uMhango. UComfort Thusi okhulumela i-Arrows, uthe uqala ukukuzwa ngaleli phephandaba ukuthi iqembu lakhe lifuna uMhango.