UNCOME iqembu lakhe ngokuqhubeka nokuhlasela ngisho selishoda ngesikhathi linqoba iSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
AmaBrazilians anqobe lo mdlalo obuseLoftus Versfeld ngoMgqibelo ntambama ngo 2-0.
Igoli lokuqala lishaywe nguPeter Shalulile ngomzuzu ka-50, elesibili lavalelwa nguCassius Mailula, ongene ngesiwombe sesibili, ngomzuzu ka-82.
Iqembu likaMokwena liqede umdlalo selingasaphelele, emuva kokuthi umdlali wasesiswini uMarcelo Allende ekhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-76 ngenxa yokudlalisa kabi uVictor Letsoalo.
“Indlela esiphendule ngayo iwubufakazi bokuthi iqembu lakhiwe kanjani. Leli qembu alakhelwe ukwamukela ingcindezi, lihlale emuva bese lizama ukuhlasela ngokuzuma," kusho uMo+kwena.
“Asithengi abadlali abadlala ngalolu hlobo futhi asizilolongi kanjalo. Akungimangazanga ukuthi siqhubekile sadlala ngendlela esiziqeqesha ngayo nakuba bekunzima kakhulu.
“Sike saba nezikhathi lapho sithwale khona kanzima, okuyinto enhle njengoba sisazodlala imidlalo emikhulu kwiSuper League nakwiChampions League.
“Engikushoyo kubadlali wukuthi uma siphethe ibhola kumele sidlale njengeqembu elikhulu, sibe nesibindi. Bayazi ukuthi angithandi bacashe ngisho noma kunzima. Uma singenalo ibhola kumele sigijime njengeqembu elincane, ngokukhulu ukuzithoba.”
UMokwena wenze izinguquko ezintathu eqenjini eliqale umdlalo neBabina Noko efaka uBrian Onyango, uMosa Lebusa noNeo Maema ezikhaleni sikaGrant Kekana, Rushine de Reuck noThemba Zwane.
UDenis Onyango no-Andile Jali baphinde bawuqala umdlalo, kwathi abadlali abafana noSurprise Ralani noBongani Zungu baphinde bathola imizuzu enkundleni beqhamuka ebhentshini.
Lo mqeqeshi uthe kubalulekile ukunikeza abadlali abahlukene amathuba, ukuze bonke bahlale bekulungele ukudlala njengoba bezodingeka emidlalweni ezayo.
"Ukushintshashintsha iqembu sikwenzela ukunika abanye abadlali ithuba. Ngicabanga ukuthi benze kahle kakhulu. U-AJ (Jali) udlale kahle emidlalweni emibili edlule. UZungu ube nomdlalo omuhle naye futhi uyathuthuka njalo uma ethola ithuba.
“UDenis Onyango ngumdlali onamava futhi ukuqala kwakhe kuvula isikhala sokuthi uKennedy (Mweene) noma uReeyad (Pieterse) bathole ithuba lokuba sebhentshini.
“Kusemqoka ukwenza bonke abadlali bazizwe beyingxenye yeqembu. Yingakho siziqeqesha ngendlela esenza ngayo, siphinde sidlale nemidlalo yobungani. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abadlali basezingeni elifanayo.
“Asifuni ukuthi ingxenye yeqembu isalele emuva kakhulu uma sikhuluma ngokuba sesimweni sokulungela imidlalo.
"Ngiyabancoma abadlali ngokuba nobuntu nangokuziphatha njengabadlali bebhola elikhokhelayo. Bayaqhudelana kodwa ngobuhle. Awukho umuzwa omubi phakathi kwabo."
AmaSandawana asazihambela wodwa phambili njengoba esenqobe imidlalo engu-14 ilandelana futhi asehlanganise amaphuzu angu-52 emidlalweni engu-20.
Umdlalo wawo olandelayo azowudlala ne-Orlando Pirates, esiqale ukuthola umgqigqo omuhle ngokunqoba imidlalo emithathu ilandelana. La maqembu azodudulana e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.