ASEQALILE ukuputshuka amahlebezi ngabadlali abazochithwa kanjalo nalabo abazogcinwa amaqembu athathwa njengamakhulu kwiDStv Premiership ngenhloso yokuqinisa izikwati zawo ngesizini ezayo.
IMamelodi Sundowns iphinde yakhonya kwiDStv Premiership, inqoba isicoco sayo sesithupha kulandelana, okwenza abalandeli beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates babeke indlebe ngokwenzekayo emaqenjini abo ngenhloso yokuzwa ukuthi azoqinisa ngobani, adedele obani.
Ukuhlabana kweSundowns kuphinde kwayiqongisa ingcindezi kwiChiefs nakwiPirates kwazise lokhu kugiya kwayo kwenza amaqembu abo ababukeka sengathi ahlehla nyova.
Ngokusho komqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, isizini edlule bekungeyokufunda ngakho-ke, le ezoqala ngo-Agasti ngeke libekhona ithuba lokucasha ngesithupha.
Ngeledlule, iChiefs imemezele ukuthi iyahlukanisa no-Eric Mathoho, obengomunye wabadlali abadala kuyona.
Ngempelasonto edlule, kuvele amahlebezi amatanisa iChiefs nokusayinisa, uMduzuzi Mdantshane, weCape Town City.
Akuphelanga isikhathi eisngakanani, kwavela ukuthi uPathutshedzo Nange, naye usehlukanisile naMakhosi, yize konke lokhu kungakaqinisekiswa.
IChiefs isivele isayanise uThatayaone Ditlhokwe obegijima kwiSuperSport United emumemezele ngoJanuwari, ngemuva kokusayinisa inkontileka yesibambiso. Omunye umdlali wasemumva okhonjwa kuMakhosi, uGiven Msimango obeyibamba kwi-TS Galaxy. Njengoba lsolezwe like labika kuthiwa iChiefs inezingxoxo nabaphathi baRanga Chivaviro, umgadli weMarumo Gallants. Liyavela negama lesitobha seSimba uMohamed Hussein nomgadli weYoung Africans, uFiston Mayele.
KwiSundowns kuvele imibiko ethi isihlukene noHaashim Domingo. ISABC Sport icaphune imenenja yomdlali ithi ukungavumelani ngemininingwane yenkontileka entsha yikhona okwenze bahlukana ne’Downs. Labo mpetha bavele sebededele u-Andile Jali okuphele isizini engasazihlanganisi neqembu.
Abanye abadlali beSundowns okuvela ukuthi bangase bakhululwe kukhona u-Ervin Saavedra, Lesedi Kapinga, Rivaldo Coetzee noGift Motupa.
Bonke laba badlali bebelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule ngenxa yezizathu ezahlukene okukhona kuzona ukwehlelwa ifomu nokulimala ngokwahlukana kwabo.
Ukweqiwa ijezi kwabo ekubeni iSundowns ingafihli ukuthi ibona isidingo sokungena emakethe ukuze iqinisele iCaf Champions League yangesizini ezayo, kukodwa kuyizinkomba zokuthi laba badlali bangase baphelelwe izindawo kompetha.
UJunior Mendieta weStellenbosch FC ungomunye wabadlali beqophelo abakhonjwa kwi’Downs ngesizini ezayo kanjalo noThapelo Maseko, weSuperSport United.
KwiPirates kusathule ngabadlali abahambayo nalabo ababolekisiswe kodwa kuthiwa usesayinile kuyona, uSiphelo Baloni, obatshazwayo esiwini se-All Stars FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship, kanjalo nonozinti uMelusi Buthelezi. UButhelezi yize engakamenyezelwa kweZimnyama kodwa ngesikhathi kusongwa imidlalo yeligi, uvalelisile kozakwabo kwiTS Galaxy. Omunye umdlali okhonjwa kwiPirates, uKatlego Otladisa obeyibamba kwiMarumo Gallants edliwe yizembe kwiDStv Premiership.
Kubadlali okuvela ukuthi bangase bahlukane neqembu, unozinti, uSiyabonga Mpontshane, Ben Motshwari, Eva Nga. UMike Makaab, oyimenenja kaNkanyiso Zungu, eZimnyama ebizimubolekise kwiRichards Bay, ike yacashunwa kwabezindaba iveza ukuthi lo mdlali osefunelwa elinye iqembu njengoba, iPirates isicacisile ukuthi ngeke isamdinga.