AMAQEMBU amabili ase-Afrika anomlando ongcono kwiNdebe yoMhlaba, iCameroon neGhana, azodlala imidlalo yawo yokuqala namuhla emqhudelwaneni walo nyaka obanjelwe eQatar.
ICameroon yafinyelela kuma-quarterfinal ngo-1990 e-Italy, kwathi iGhana yenza okufanayo eNingizimu Afrika ngo-2010. Indlela azodlala ngayo namuhla izocacisa ukuthi kungenzeka yini enze okungcono kulo nyaka.
I-Indomitable Lions izovula kuGroup G neSwitzerland e-Al Janoub Stadium e-Al Wakrah ngo-12 emini.
IBlack Stars nayo izozibula ngonzima kuGroup H nePortugal eStadium 974 eDoha ngo-6 ntambama.
ICameroon akuyihambeli kahle selokhu yazibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngokuhlula i-Algeria. lsanqobe umdlalo owodwa kwemihlanu edlule idla iBurundi, okuyiqembu elikleliswe endaweni ka-141 emhlabeni.
Kubhekwe ukuthi umqeqeshi, uRigobert Song, nephini lakhe, uSebastien Migne, bakhombise ukuthi iCameroon isengelinye lamaqembu aqinile e-Afrika.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba seFifa kwiYouTube, uMigne uthe abadlali bayazazi izinhloso zeqembu.
“Asizile eQatar ukuzovakasha, size ukuzokhombisa ikhono laseCameroon,” kusho lo mqeqeshi oke wacija iMarumo Gallants kwiDStv Premiership.
“Kusobala ukuthi uma uqala umqhudelwano kumele uthathe igxathu negxathu. Inhloso yokuqala ukudlulela esigabeni somkhumulajezi futhi kumele sibe ngelinye lamaqembu amabili azoqhwakela kuleli qoqo ukuze iphupho lethu liqhubeke.
"Amandla ethu azosivumela ukuthi silwe neqembu eliqinile njengeSwitzerland, ekleliswe endaweni ka-14 emhlabeni. Siyazi ukuthi kufanele sibhekane namaqembu amakhulu kulo mqhudelwano."
Ngasohlangothini lweBlack Stars, umdlali wawo, uDenis Odoi, uthe bazizwe bekhuthazekile ngemuva kokubona iSaudi Arabia ivukela i-Argentina enesilomo uLionel Messi. ISaudi Arabia ibuye ngemuva yanqoba ngo-2-1 ngoLwesibili.
KwiPortugal, u-Odoi nozakwabo bazobe bebhekene neqembu eliholwa esinye isilomo somdlali, uCristiano Ronaldo.
Akungatshazwa ukuthi lokhu kuzodonsa amehlo omhlaba kulo mdlalo, ikakhulukazi njengoba uRonaldo eyindaba egudwini selokhu aba nengxoxo nentatheli yase-England, uPiers Morgan, esiholele ekutheni bahlukane neqembu abelidlalela, iManchester United.
IBlack Stars yadliwa yiBrazil ngo-3-0 emdlalweni wobungani ngoSepthemba kodwa u-Odoi ukholwa ukuthi bafunda lukhulu kulowo mdlalo.
"Siyihlaziyile indlela iPortugal edlala ngayo. Sifundile futhi emdlalweni wethu neBrazil sabona nezinto ezingahambanga kahle. Siyazi ukuthi sidinga ukuvala kangcono emuva futhi siye phambili, sihlasele," kusho lo mdlali ogijima kwiClub Brugge eBelgium ekhasini leGhana kwiYouTube.
“Kusobala ukuthi okwenziwe yiSaudi Arabia kufakazele ukuthi kufanele udlale imidlalo yonke unethemba.
"Nesipiliyoni sami neqembu lami kwiChampions League singinike isibindi. Akekho obesinika ithuba lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kodwa sikwenzile lokho. Uma nidlala ngokubambisana njengeqembu, ningenza noma yini."