IZOQALWA ngokwethulwa nokuvulwa ngokusemthethweni kwesitolo semifaniswano yaMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu, imigubho yeminyaka engu-90 leli qembu lasungulwa.
Lokhu kudalulwe kwiSolezwe ngoMgqibelo nguSinenjabulo Zungu, oyisikhulu esiphezulu kuMaZulu nathi lo mgubo uzokuba ngo-Okthoba lapho ezokube ehlanganisa iminyaka engu-90, ekhona ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngunyaka omkhulu eqenjini lo. Ikhona impela imigubho eyisihlelayo kodwa ezoba ngo-Okthoba okuyinyanga okugujwa ngayo iminyaka engu-90 yeqembu,” kusho uZungu.
“Ezintweni ezinkulu nje ezizokwenzeka eziyingxenye yale migubho, sizoqala ngokwethula nokuvula ngokusemthethweni isitolo semifaniswabno yeqembu. Lesi sitolo sizoba seMoses Mabhida Stadium (namahhovisi eqembu aseMoses Mabhida kanti nemidlalo yalo yasekhaya idlalelwa kule nkundla).
“Nemifaniswano yemigubho yeminyaka engu-90 izobe ikhona kodwa-ke izobe ingeminingi nokuzokwenza kube nguwalala wasala.”
Lesi sikhulu sicacise ukuthi lesi sitolo kuzobe kungesona esakwa-Umbro okuyigama le nkampani esika imifaniswano yoSuthu.
Lokho nokho asithandanga ukwenaba ukuthi ngabe kusho ukuthi izobe ikhona yini imifaniswano yeminyaka edlule lapho AmaZulu abegqoka khona amagama ahlukene.
“Impela i-Umbro ngabaxhasi bethu bemifaniswano futhi sijabule kakhulu ngabo. Nokho isitolo ngesaMaZulu. Nabo bazohlomula (abakwa-Umbro) kakhulu ngaleli gxathu,” kusho uZungu.
UZungu uthe okubajabulisa kakhulu wukuthi bahlela le micimbi nje, nezinto zihamba kahle kakhulu enkundleni kulezi nsuku.
AmaZulu ngelinye la maqembu ayiqale kahle isizini ka-2022/2023, kwazise emidlalweni emithathu yokuqala abuye namaphuzu ayisikhombisa.
“Kuhle futhi kuyajabulisa ukuthi siqale kahle kanje isizini. Lokho kuzongenisa kahle nemigubho le esiyihlelayo,” kusho uZungu.