Richards Bay (0) 0
AmaZulu FC (0) 0
AMAZULU FC adinge amaphenathi ukuze abe ngompetha beKZN Premier’s Cup kulandela ukubambana neRichards Bay FC ngo 0-0 emdlalweni wamanqamu walo mqhudelwnao osongwe ngeSonto ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Amaphenathi okunqobe ngawo uSuthu ashaywe phakathi uRiaan Hanamoub, Aboubakker Mobara, Bongi Ntuli, Pule Ekstein noThembela Sikhakhane ngesikhathi enqoba ngo 5-4.
Bekuvele kungalindelekile ukuthi lo mdlalo uqale ngegiya eliphezulu kwazise womabili la maqembu abese edlala owesithathu ezinsukwini ezimbili.
USuthu luzifake kowamanqamu ngokunqoba kwiMaritzburg United ngo 2-1 kanti iNatal Rich Boys ibingene kuwona ngokunqoba ngo 4-3 kwiLamontville Golden Arrows sekukhahlelwa amaphenathi.
Okusheshe kwacaca ngesikhathi kuqhubeka lo mqhudelwano oqale ngoMgqibelo, eClermont, ukuthi isandla somqeqeshi omusha woSuthu, uPablo Franco Martin, sisheshe sangena kwazise leli qembu elisinde ngokulambisa ezembeni ngesizini edlule, ilona ebelibukeka sekulungele ukuqala isizini entsha kunawo wonke abebambe iqhaza ngokwahlukana.
Ngaphandle kokuqina sakhonkolo koSuthu emuva, abagadli nabadlali basesiswini bakhombise izimpawu zokusheshe bangene esitayeleni salo mqeqeshi waseSpain.
Ngaphandle kwethuba lika-Augustine Kwem, elishaye ipali ayikho eminye iminyakazo etheni ebonakale esiwombeni sokuqala.
Nakwesesibili isiwombe lo mdlalo ubungakhombisi izimpawu zokuthi unganyuka egiyeni eliphansi obuqhubeka ngalo.
UYanela Mbuthuma obesanda kungena nomfutho kumaNatal Rich Boys uthole ithuba elihle ngomzuzu ka-66 kodwa wasebenza u-Olwethu Mzimela obevimbele Usuthu.
Ngokubona ukuthi isikhathi siyahamba, abadlali banhlangothi zombili kube sengathi bayavumelana ngokuthi sekuyisikhathi sokubhukula ngemizuzu yokugcina engu-15 nomdlalo waya ngokuya wafudumala.
Kugcine ngokuthi uthembise kanjalo kwaze kwaba udlulela emaphenathini okuwine kuwona ezikaCijimpi (umqeqeshi woSuthu).