YIZE umqeqeshu waMaZulu, uVusumuzi Vilakazi, ekholwa wukuthi baneqembu eliqinile nelinabadlali abanamava kodwa ubona bekudinga ukusayinisa umgadli obukhali.
AmaZulu akhale ngaphansi kwiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngaphambi kukaKhisimusi. Nakuba leli qembu likhombisa ukuhlangana ngaphansi kwethimba labaqeqeshi eliholwa nguVilakazi no-Arthur Zwane abaqeqesha ngokubambisana kodwa kubukeka kusenzima ukugcina umgqigqo emidlalweni yakamuva.
Ngaphambi kokwehlulwa yiSundowns, AmaZulu aguqise iRoyal AM ngo 2-1 kowabakhaya, ekade ebuya esibhaxwini sika 1-0 esithole kwiTS Galaxy ekuhambeni.
“Angicabangi ukuthi sidinga abanye abadlali ngoba uma ubheka iqembu esinalo, sinabadlali abaningi abanesipiliyoni ikakhulukazi abasemuva.
Kukhona lapho engike ngabatshela khona abadlali bethu ukuthi kwesinye isikhathi sizothembela kakhulu esipiliyonini. Sinabadlali abanesipiliyoni abanjengoTara (Taariq Fielies) noRama (Mphahlele),” kusho uVilakazi.
“Nokho, ngicabanga ukuthi indawo esasikhathaza kakhulu njengamanje yiyona le yaphambili. Sisamdinga umgadli ngoba ngisho nasemdlalweni wethu olandelayo noma ezobe ekhona u-Ighodaro (Etiosa), akufanele sithembele kuyena kuphela.
UDion (Junior) akekho efomini njengamanje kodwa uzobuya. Nathi njengabaqeqeshi sizozama ukumsiza nokumelekelela. Yize sisenaye uMbhobho (Senzo Ndlovu) kodwa usazama ukujwayela kulesi sigaba sePremiership njengoba esuka esigabeni se-ABC Motsepe League. Naye siyamsiza ukuthi akwazi ukumelana nenselelo yokudlala kulesi sigaba akusona njengamanje.”
AmaZulu, asashaye amagoli angu-10 kuphela emidlalweni eyisishiyagalolunye yePremiership asayidlalile, kubhekwe ukuthi yimuphi umgadli angase amthole kwi-windi likaJanuwari elizovulwa ekuqaleni kuka-2025.
U-Ighodaro akadlalanga ngesikhathi AmaZulu ebhekene neSundowns ngoLwesibili kowePremiership ngenxa yombandela wamaBrazilians ongabavumeli abadlali ebabolekise kwamanye amaqembu ukuthi badlale uma ebhekene nayo.
Lo mgadli odabuka eNigeria, obolekwe wuSuthu kuze kuphele isizini. Usashaye amagoli amathathu emidlalweni engu-8 asayidlalile kule sizini.
Usuthu luzolwela ukuvuka luzuthintithe ngomdlalo ngokuvala unyaka wasekuhambeni neCape Town City ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eCape Town Stadium, eKapa.