AMAZULU FC akhangise ngengqephu yawo entsha egqize ngabaxhasi abasha ngesikhathi esifanayo aklomelisa abadlali abenze kahle ngesizini edlule.
Ijezi loSuthu lakwa-Umbro libuya nophawu lwabaxhasi beminyaka u-Spar esifubeni bese kuvela uGrinrod (inkampani yezokuthutha) emikhonweni okungabaxhasi abasha abamenyezelwe kuwona lo mcimbi wanamuhla. Sekukhona nenkampani eyakha izimoto iMitsubishi njengabaxhasi abasha.
Ijezi Elisha loSuthu kulona kukhona isithombe esincane esikhombisa ukuhlonipha isilo sikaZulu, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu okhothame kulo nyaka.
Kubuye umbala omdala waleli qembu ejezini elisha lasekhaya kwazise liluhlaza-cwe okuyiwona obelubulala ngawo izizwe kusekhona uJoe Mlaba, Simon Magagula, Joel Faya, Julius Chirwa noTim Nzoyi ukukha nje phezulu.
Elasekuhambeni limhlophe qwa futhi lakhiwe ngendlela yesimanjemanje bese kuthi elesithathu ligqize ngombala oluhlaza osasibhabhaka.