AMAZULU azishiye phansi izinhlelo zokufuna ukusayinisa umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa obolekiswe kwiMoroka Swallows
Nyakenye Isolezwe libikile ngokusha amashushu koSuthu lufuna umgadli waseBotshabelo, eBloemfontein, eFree State.
Emidlalweni ewu-13 yeDStv Premiership, useshayele Izinyoni amagoli ayisithupha.
Okuphinde kwaqinisa amathuba okuthi eze eThekwini, kube yinkinga yemali okuthiwa ikhungethe Izinyoni.
Ngokusho komthombo nakuba ingxenye yomholo iphuma kweZimnyama kodwa iSwallows ithwala kanzima ohlangothini lwayo.
Kuvele nokuthi ungomunye wabadlali abebethishwa ukuvala isikhala sikaBongi Ntuli obengumgadli woSuthu, odlule emhlabeni ngasekupheleni konyaka odlule.
USandile Zungu, umengameli woSuthu ukuvumile ukuthi uMabasa ngomunye wabadlali abebemfuna uthuli. Uveze ukuthi ngenxa yezizathu angeke akwazi ukuzidalula sebezishiye phansi izinhlelo zokumsayinisa.
"UMabasa uwumgadli wezinga eliphezulu. Besingangabazi ukuthi ubezobambisana kahle nalaba abakhona eqenjini lethu. Ngeshwa sithathe isinqumo sokungamsayinisi ngenxa yezizathu ezithile. Bese siqede nazo zonke izinhlaka ezithintekayo," kubeka uZungu.
Uthe njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, bayaqhubeka nokufuna unyazi lomgadli.
"Abagadli bethu basayibambe kahle. Ngeke sikufihle ukuthi ukudlula emhlabeni kukaBongi Ntuli, kuvule isikhala. Sifuna ukuqeda endaweni enhle ngesizini ka-2023/24, sethemba ukuthi sizomthola umgadli wezinga eliphezulu ozofika nowakhe umehluko," kuqhuba uZungu.
Izolo AmaZulu asayinise uSifiso Ngobeni izinyanga eziyisithupha, emboleka kwiMamelodi Sundowns.
Khonamanjalo, izolo besiqhubeka isithangami seSwallows sokuqondisa ubugwegwe abadlali bayo, esiqale ngoLwesihlanu olwedlule. Izikhulu zaleli qembu zisola abadlali balo ngesiteleka esingekho emthethweni esaholela ekutheni iqembu lingayi emidlalweni ye-DStv Premiership ngenyanga edlule.
Kwakumele lidlale neMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows, okuyimidlalo eyagcina ibhuntsha.
Inkinga yaqala ekutheni iqembu lingabaholeli abadlali imiholo kaDisemba kanti nangoNovemba kwakusuke umsindo bengaholanga ngesikhathi esifanele.
NgoMsombuluko, uTebogo Monyai, iphini likamengameli weSouth African Football Players Union (Safpu), uqinisekisile ukuthi bayaqhubeka nokuhlalela amacala abekwe abadlali beSwallows.
"Lokhu kuqulwa kuqale ngoLwesihlanu olwedlule. Kanginaso isiqiniseko sokuthi kuzophela nini. Nathi siyinyunyana sikhona ukuzomela amalungu ethu," uMonyai eshaya ngamafuphi.
NgoLwesine olwedlule iSwallows ivele ekomitini lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe, yavuma amacala ebibekwe wona. Ibe isigingqelwa le midlalo emibili, amaphuzu amathathu namagoli amathathu anikezwa iSundowns ne-Arrows ngokwehlukana. I
hlawuliswe u-R1million, okulengiswe u-R600 000 kuwona ingatholakali ecaleni elifanayo ezinyangeni eziwu-24.
Ingxenye esele ka-R400 000 kuthiwe kumele ikhokhwe ngokushesha. Leli qembu lidonswe ngendlebe ngokuthi lingaphinde lizithole licaleni elifanayo ngoba lokho kungeza nesigwebo sokumiswa noma lixoshwe ebholeni.