IQEMBU lesizwe lekhilikithi labesifazane libhekene nenselelo yokucosha amaphuzu okokuqala kwiT20 Women’s World Cup emdlalweni onamuhla eBoland Park, ePaarl, namuhla ngo-7 kusihlwa.
AmaProteas awuvule ngesibhaxu lo mqhudelwano awudlalela ekhaya edliwa yiSri Lanka ngama-run amathathu eNewlands Cricket Ground, eKapa.
Emdlalweni wokuqala behlulwe yiSri Lanka ngama-run amathathu.
"Siphazanyiswe wuvalo, uma sikhuluma iqiniso. Ngeke sikubalekele ukuthi kuzoba nengcindezi, yiNdebe yoMhlaba futhi imidlalo yeT20 ilahleka ngamaphutha amancane," kusho i-wicketkeeper yamaProteas, uSinalo Jafta.
"Ngicabanga ukuthi asigxilanga ngokwanele emdlalweni nalokho obekufanele sikwenze. Sicabange kakhulu umphumela esikhundleni sokugxila ebholeni elilandelayo."
INew Zealand nayo isagingqa iqanda kuGroup A, yehlulwe yi-Australia ngama-run angu-97.
Lokhu kwenza umdlalo wakusihlwa ubaluleke kakhulu kuwona womabili amaqembu. Mabili iqoqo ngalinye amaqembu azodlulela kuma-semifinal.
UJafta ophinde abhethe, uthe bayawazi amaphutha okumele bawalungise.
"Silahlekelwe amawikhethi elandelana nokuyinto osekunesikhathi iyinkinga kithina. Kuzomele sibuyele emuva sibone ukuthi singakulungisa kanjani lokhu," kuqhuba uJafta.
“Njengeqembu asiwabalekeli amaphutha ethu futhi ngiyazi ukuthi sizowalungisa. Uma sikwenza lokho sizokwazi ukuqhubekela phambili.
"Zincane izinto okumele sizilungise ukuze sibuye ngamandla emdlalweni olandelayo."
AmaProteas azophothula isigaba samaqoqo ngokubhekana ne-Australia, evikela isicoco ngoMgqibelo, bese kulandela iBangladesh, ngoLwesibili oluzayo.