UKAPUTENI weqembu lakuleli lekhilikithi, uTemba Bavuma, uthi uchungechunge lwemidlalo yezinsuku ezinhlanu ne-West Indies yithuba elihle lokuthi iqembu liqale kabusha.
Lolu chungechunge luzoba olokuqala selokhu uBavuma eqale ukuhola iqembu le-test, ethatha isikhundla ebesiphethwe ngu-Dean Elgar, futhi olokuqala ngaphansi komqeqeshi omusha uShukri Conrad.
AmaProteas azobhekana neWest Indies emidlalweni emibili. Owokuqala unamuhla ekuseni ngo-10 eSuperSport Park, eCenturion. Umdlalo wesibili uzodlalelwa eWanderers, eGoli, kusukela ngoLwesithathu oluzayo.
Iqembu lakuleli lizobe libheke ukunqoba lolu chungechunge ngemuva kokukhala ngaphansi kweyakamuva libhekene ne-England ne-Australia.
"Kuyisiqalo sohambo olusha futhi sifuna ukudlulisa konke okwenzekile. Sihlose ukuphuma sidlale ngendlela esifuna ukudlala ngayo. Ngikubheke ngabomvu ukubona ukuthi lokho kuzobukeka kanjani enkundleni," kusho uBavuma.
“Abadlali ababhethayo bathwale kanzima e-England nase-Australia, kodwa lezo izindawo okunzima ukuya kuzo, zivame ukuhlukanisa abadlali abadlala kahle nabasezingeni eliphezulu kakhulu.
"Sidinga ukushaya ama-run ukuze ungabi nzima umsebenzi wabashwibi.“
Lolu chungechunge luyingxenye yeWorld Test Championship kodwa iNingizimu Afrika ngeke isakwazi ukuba ngelinye lamaqembu amabili azodlala kowamanqamu ngoJuni.
Yize kunjalo, uBavuma uthe ukuba yingxenye yeqembu lesizwe nokududulana neqembu elifana ne-West Indies kusho lukhulu kukodwa.
“Ukuthola nje ithuba lokudlalela amaProteas kufanele kugqugquzele noma ngubani ukuthi afise ukushaya into ecokeme, akhuthaze isizwe. Angicabangi ukuthi kukhona okudlula lokho. Ngakho siyafuna ukunqoba lolu chungechunge lwemidlalo neWest Indies,” uqhube kanje.
AmaProteas asenqobe imidlalo engu-20 kwengu-30 ayidlale ne-West Indies, kwathi eyisikhombisa yaphela zibambene.
"I-West Indies yiqembu engangililandela ngisakhula ngakho linendawo ekhethekile enhliziyweni yami. Sasibhekene nabo ngesikhathi ngiqala ukudlalela iqembu lesizwe kodwa ngashaya ama-run angu-10. Ngiyethemba ukuthi lo mdlalo uzoba ngcono," kusho uBavuma.
"Badlala uhlobo lwekhilikithi lakudala. Abashayayo bayakwazi ukuchitha isikhathi esiningi enkundleni beqongelela ama-run kanti abashwibayo bayakwazi ukugxila ezindaweni ezifanele futhi bashwibe ngesivinini, okuyinto edingekayo ezinkundleni zakuleli."
Iqembu lamaProteas le-test: Temba Bavuma (ukaputeni), Gerald Coetzee, Tony de Zorzi, Dean Elgar, Simon Harmer, Marco Jansen, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, Aiden Markram, Wiaan Mulder, Senuran Muthusamy, Anrich Nortje, Keegan Petersen, Kagiso Rabada, Ryan Rickelton.