ISIHLAVA samakhadi abomvu esihlasele kwiMamelodi Sundowns kusukela uMiguel Cardoso ethathe izintambo siphazamise izinhlelo, lo mqeqeshi wasePortugal, abenazo ngabadlali abangalijwayele ijezi kowe-Last 16 yeNedbank Cup abanqobe kuwona iMpheni Home Defenders ngempelasonto edlule.
Nakuba kunenqwaba yabadlali abangajwayele ukubonakala enkundleni abaqale lo mdlalo iSundowns ewunqobe ngo 2-0 kodwa kunabanye uCardoso abezimisele ukubazwisa ijezi kodwa kwangenzeka.
ISundowns iqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaTashreeq Matthews okunguyena oshaye igoli lokuqala.
UCardoso ukhale ngokuthikanyezwa ngamakhadi abomvu esithangamini nabezindaba ngesikhathi ebuzwa ngokuziba uKutlwano Letlhaku ongomunye wabathembisayo kwiSundowns.
“Lisiphazamisile ikhadi likaMatthews ngoba okuningi ebesikuhlelile ngokuzwisa abanye abadlali abangajwayele ukuba senkundleni kuvele kwashabalala,” kusho uCardoso.
“Angifuni ukugxila ekutheni lo mkhuba uqale ngoba sekufike mina ngoba angikholwa ukuthi abadlali bawathola ngabomu amakhadi abomvu.
“Yize kunjalo kuyangiphazamisa ngoba njengomqeqeshi kuwumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi bayalithola ijezi nalaba abangalitholi njalo ngoba sisemiqhudelwaneni eminingi emqoka ngendlela efanayo.”
Kusukela uCardoso ethathe lo msebenzi kuManqoba Mngqithi ngoDisemba, uBathusi Aubaas usekhishwe ngekhadi elibomvu koweCaf Champions League noweligi ngokwahlukana.
Ngaphezu kuka-Aubaas noMatthews, uRonwen Williams noKhuliso Mudau, sebeke beqiwa imidlalo ngenxa yalo mkhuba ohlasele kwiDowns yalo mqeqeshi wasePortugal.
Okunye uCardoso akhale ngakho wukuxinwa yimidlalo emqoka okufanele bayidlale ngesikhathi esincane.
“Kunzima ukukhononda ngokuthothana kwemidlalo ngoba lokhu kwenzeka kuwona wonke amaqembu kodwa akukucishi ukuthi kubeka impilo yabadlali engcupheni.
“Omunye wabaqeqeshi osebenza e-Europe ubekhala ngokudlala imidlalo eyisithupha ngenyanga, ngamfonela ngamtshela ukuthi ukhaliswa wubala ngoba thina eNingizimu Afrika sidlala eyisishiyagalombili.
“Kunzima futhi kuyingozi kodwa akukho esingakwenza ngaphandle kokuzama ukubazwisa bonke abadlali ijezi ngenhloso yokuthi uma kufika isikhathi sokuthi bayadingeka sibafice belunge ngokwanele,” kusho uCardoso.
Kusasa iSundowns izovakashela iMarumo Gallants koweBetway Premiership ngo-7.30 ebusuku eSeisa Ramabodu Stadium, eBloemfontein.