AKWEHLANGA kahle kumqeqeshi we-University of Pretoria, uTlisane Motaung, ukuhluleka nakulokhu ukugwema imidlalo yokuhlungela ukwenyukela kwiDStv Premiership.
Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi amaTuks asonge iligi esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-49. Angene kule midlalo neBaroka eqede kweyesithathu ngawu-47. La maqembu aselinde iqembu okuzovalwa kwiDStv Premiership likweka-15.
Kuzocaca ngemuva kwemidlalo yanamuhla yokugcina yeDStv Premiership ngeqembu elizoqeda kunombolo-15. Kuzoyiwa emidlalweni kule ndawo kuneRichards Bay enamaphuzu awu-27 emidlalweni ewu-29. Kweyesi-14 kunomkhaya bayo, iRoyal AM enawu-30.
Ompetha beMotsepe Foundation kugcine kuyiMagesi esiliphethe ngesandla ithikithi leDStv Premiership. Imidlalo yokuhlunga izoqala ngoJuni 2 lapho amaTuks eqhathwe neBaroka.
EzikaMotaung zike zahlala isikhathi esicongweni se-log.
Izinto zishintshe emzuliswaneni wesibili weligi, kuqhamuka iMagesi ecijwa uClinton Larsen. AmaTuks asungulwa ngo-2003, ake adlala esigabeni esikhulu.
Anyukela kuso ngo-2011/2012, adliwa yizembe kweka-2015/16. Aqeda kweyesi-15 aya kweyokuhlunga, afike angalibona elidlalayo. Kuzoba ngokwesithathu edlala kulolu hlobo lwemidlalo.
Nangesizini ka-2021/22 awalibonanga elidlalayo. Ayeqede kuyo indawo yesibili.
UMotaung utshele Isolezwe ukuthi kumphatha kabi ukuthi bahlulekile ukungena begijima esigabeni esikhulu.
"Nakuba sisenalo ithuba lokwenyukela isigabeni esikhulu kodwa ngiphoxekile ngokwenzekile. Bengifuna siwagweme ama-play-off. Angifuni ukuthi sinebhadi lawo, inkinga ukuthi kwenzeka noma yini kuwo. Siyeke ukunqoba imidlalo ebilula maphakathi nesizini," kubeka uMotaung.
Uqhube wathi ngeke kumsize ukukhala, kumele bayilungiselele le midlalo.
"Simatasa silungisa amaphutha okuvalwe isizini siwenza. Ngicabanga ukuthi amaphuzu amaningi siwathole emlenzeni wesibili weligi. Ngicabanga ukuthi awu-22. Namagoli siwashayile. Ngebhadi kubuye kwaqhamuka isikhathi lapho sihlulwa ukuqoqa amaphuzu aphelele emidlalweni ebilula.“
UMotaung uthe abadlali bakhe sebeyakwazi okumele bakulindele emidlalweni yokuhlunga.
"Sizoya kule midlalo sinokuzethemba, ngeke sizithambise. Abagadli bethu bayazi ukuthi kumele ngesizini ezayo sidlale esigabeni esikhulu. Sesifikile isikhathi sokubuyela kuso. Nginethemba lokuthi kulokhu azosiphatha kahle ama-play-off.
"Bengiyilandela yonke imidlalo yamaqembu asemsileni kwiDStv Premiership. Ngize ngishaya nangemidlalo yawo eqoshiwe. Nginemithathu yeqembu ngalinye. Emosontweni edlule bengisemdlalweni weBay nePolokwane City. Ngeke sibe nankinga uma sigcina ngokudlala nayo noma iRoyal AM. Okubalulekile ukuthi abadlali balandele imiyalelo esibatshela yona.“