Abadlali nabaqeqeshi baMaZulu FC babucubungulisise kahle ubungozi nobuthaka beLamontville Golden Arrows abazobhekana nayo kowabakhaya weBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lona wumuzwa ovele ekhempini yaleli qembu likaSandile Zungu ngesikhathi uWayde Jooste odlala emuva nomunye wabaqeqeshi balo, u-Arthur Zwane, bekhuluma ngalo mdlalo obekwe ngabomvu.
Ngaphandle kwegunya lokukloloda kwazise abadlali abazobe bebhekene bayazana njengoba bazinze edolobheni elilodwa (eThekwini), amaphuzu abukeka emqoka kwazise Usuthu naBafana Bes’thende bakhombisa izimpawu zokuba nezinhloso ngale sizini.
Womabili la maqembu azohlangana esebashintshile abaqeqeshi aqale ngabo le sizini okungesinye sezinongo zalo mdlalo ohlale njalo udle ngokushuba nokukhanga.
Ukuqala ngebatha koSuthu kwiPremiership, kuholele ekutheni ibhantshi ligcwale umoya kuPablo Franco Martin osekuwumlando ukuthi isikhala sakhe sivalwe ngoZwane noVusimuzi Vilakazi.
Nakuba izinto zibukeka sengathi ziqondile ngakuBafana Bes’thende kodwa kusobala ukuthi zikhona ezakhona kwazise uMabhuti Khenyeza, oqale nabo isizini, uselishiyile leli qembu wajoyina iChippa United.
I-Arrows iyona evale emnyango we-Top 8 kodwa ngokwezibalo Usuthu lungayigudluza kule ndawo uma lungawaqoqa egcwele amaphuzu ngoMgqibelo.
“Amaphuzu amathathu yiwona amqoka kakhulu kodwa kulokhu kufanele sibhukule kakhulu ngoba sibhekene nomakhelwane abangeke basinike ithuba lokukukhohlwa uma besehlulile,” kusho uJooste waMaZulu oseke wayidlalela i-Arrows phambilini.
“Sihamba ngomgqigqo ongcono kunalowo esiqale ngawo isizini ngakho-ke kubalulekile ukuthi siqhubeke ngawo. Sibhekene neqembu eliyiqale kangcono kunathi isizini kodwa lokhu akusho ukuthi asiziboni siwuwina lo mdlalo.
“Sibucubungule bonke ubuthaka be-Arrows nalapho iqine ngakhona ngakho-ke siwulungele umdlalo futhi sizolwa ngakho konke ukuthi amaphuzu asale kithina kwazise ithina esizobe sisekhaya,” kusho uJooste.
“Sesikwazi konke esidinga ukukwazi nge-Arrows. Lapho iqine ngakhona nathi sizoqonisa kakhulu, bese sizama ukuyixina ngalapho saziyo ngakhona ukuthi ibuthaka. Siya emdlalweni sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi asinawo uphawini wokunye ngaphandle kwamaphuzu agcwele,”kusho uZwane.